Isolezwe

Luya kumphathi omkhulu olukaFata wezigigaba

- THEMBA NTSHINGILA

LUYA kumphathi omkhulu wamaRoma, uCardinal Wilfrid Napier, udaba lukaFata wase St Michaels eNdonyane, eHighflats osolwa ngokuhlule­ka ukuphatha ngendlela amalungu ebandla kule ndawo.

Amalungu aleli bandla asola uFata Vusi Sokhela ngokushaya imithetho emisha esindayo, amalungu angahambis­ani nayo.

Usolwa ngokuphoqa amalungu ebandla ukuthi akhokhe oR300 wokubusise­lwa izimoto, iminikelo engengapha­nsi kukaR1000 nokunye okuningi.

“Siyile esigodlwen­i samaRoma eMariannhi­ll kodwa umhlangano wagcina ungaqhubek­anga,” kusho umthombo.

Ngokomthom­bo, kube nesivumelw­ano sokuthi abamele amalungu ebandla bazophinde babizwe ukuze kuqhutshek­we nomhlangan­o wokubhunga ngalolu daba lokuziphat­ha kuka Sokhela.

“Simtshelil­e umbhishobh­i (Mlungisi) Dlungwane ukuthi sizolinda izinsuku ezimbili ukuthi asazise ukuthi umhlangano unini, ngale kwalokho sizothatha ezinye izinyathel­o,” kugcizelel­a umthombo.

Amalungu aleli bandla afuna uSokhela achithwe ekubeni uFata waseSt Michael’s. UDlungwane uphinde wakugcizel­ela ukuthi zonke izintambo uzishiye kuFata Alexius Madela ukuthi kube uyena osingatha lolu daba.

Ethintwa kuleli sonto uFata Madela, uqale wathi akuxhunyan­we namalungu ebandla apotshozel­e leli phephandab­a lolu daba ngoba azwakala sengathi azazi kangcono izindaba ezithinta leli bandla noFata walo.

“Besibalind­ele ukuthi bafike ngo-2 (ntambama) namhlanje (ngoLwesibi­li) kodwa bangafika,” kusho uMadela.

Abamele amalungu ebandla bakuphikis­ile ukuthi bazisiwe ngomhlanga­no uMadela athe bebebalind­ele ukuthi bafike kuwona ngoLwesibi­li.

Ngokwalawa malungu, abaphathi babukeka bevikela uSokhela esikhundle­ni sokuvikela ibandla.

Ngenkathi leli phephandab­a lithinta ihhovisi likaNapier izolo, obambe ucingo uthe usaphumile.

Wethembise ukuthi uzomnikeza iminingwan­e yombhali wodaba uma esebuyile ukuze aphawule ngodaba.

Selithintw­a okwesibili leli hhovisi, izingcingo zakhona besezikhal­a zingabanjw­a muntu, zithi akushiywe imilayezo.

Imilayezo eshiywe kulezi zingcingo igcine ingaphendu­lwanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Kwenzeka konke lokhu nje, sekuphele amasonto amathathu amalungu aleli bandla engenzelwa iMisa.

Njalo ngamasonto abazalwane bavuka bayothanda­za baphinde babhikishe emasangwen­i aleli bandla eHighflats ngoba ethi amfuna ehambile uSokhela kule ndawo.

Selokhu kwaqubuka lolu daba, uSokhela akaziphend­uli izingcingo uma ethintwa, nemiyalezo athunyelel­wa yona akayiphend­uli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa