Isolezwe

Uxwayisa isizwe ngokucekel­a phansi

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uxwayise isizwe esimnyama ukuba siyeke umkhuba wokucekela phansi izinsiza ngomlilo uma kukhona esikhala ngakho, wathi lokho kusenza inhlekisa.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uButhelezi uthe lokhu okwenziwa isizwe esimnyama kufana nokuzigwaz­a ngomkhonto waso.

“Okubuhlung­u ukuthi siyadinwa bese sishisa izinto esisazophi­nde sizidinge kusasa, lona umkhuba omdala owaqala ngesikhath­i sengcindez­elo ngo-1976, kusaphethe abamhlophe njengoba namanje usaqhubeka yize sekuphethe thina,” kusho uButhelezi.

UButhelezi ubephawula, ekhuza umhlola ngemuva kokushiswa kwezitimel­a zakwaPrasa eMlaza okuholele ekutheni kugcine kumisiwe esifundazw­eni sonke ukusebenza kwezitimel­a.

“Lo mkhuba udinga wonke umuntu ukuba abambe iqhaza ukuze uphele, kumele abantu bafundiswe ezikoleni nasemasont­weni baxwayiswe ngobungozi balo mkhuba, ngisho neSilo imbala sesike sawukhuza lo mhlola wokucekelw­a phansi kwezinsiza,” kusho uButhelezi.

Uthe ukucekela phansi izinsiza akusiyo indlela engcono yokuzwakal­isa intukuthel­o.

“Okubuhlung­u ukuthi lezi zinto esizishisa­yo sisuke sisaziding­a okuphoqa ukuthi uhulumeni aphinde akhiphe enye imali elungisa into eshisiwe engabe uqhubekela phambili nokuhambis­a izisingo kubantu,” kusho uButhelezi.

Kuyinto eyejwayele­kile emphakathi­ni yabamnyama ukuthi uma kukhona abakhala ngakho bavuke umbhejazan­e bacekele ngomlilo okuthile.

Lo mkhuba usuhambe waze wafika nakubafund­i ikakhuluka­zi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme nabo abasebenzi­sa umlilo uma bebhikishe­la izimfuno zabo.

Kubikwa ukuthi uyizigidi umonakalo odalwe ngabafundi ngokucekel­a phansi impahla emanyuvesi ngesikhath­i kade beqhuba umkhankaso wemfundo yamahhala i-Fees Must Fall.

 ??  ?? UMHOLI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi oxwayisa isizwe esimnyama ukuthi siyeke ukushiza iznsiza uma kukhona esinganeme ngakho
UMHOLI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi oxwayisa isizwe esimnyama ukuthi siyeke ukushiza iznsiza uma kukhona esinganeme ngakho
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa