Uxwayisa isizwe ngokucekela phansi
UMHOLI we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uxwayise isizwe esimnyama ukuba siyeke umkhuba wokucekela phansi izinsiza ngomlilo uma kukhona esikhala ngakho, wathi lokho kusenza inhlekisa.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uButhelezi uthe lokhu okwenziwa isizwe esimnyama kufana nokuzigwaza ngomkhonto waso.
“Okubuhlungu ukuthi siyadinwa bese sishisa izinto esisazophinde sizidinge kusasa, lona umkhuba omdala owaqala ngesikhathi sengcindezelo ngo-1976, kusaphethe abamhlophe njengoba namanje usaqhubeka yize sekuphethe thina,” kusho uButhelezi.
UButhelezi ubephawula, ekhuza umhlola ngemuva kokushiswa kwezitimela zakwaPrasa eMlaza okuholele ekutheni kugcine kumisiwe esifundazweni sonke ukusebenza kwezitimela.
“Lo mkhuba udinga wonke umuntu ukuba abambe iqhaza ukuze uphele, kumele abantu bafundiswe ezikoleni nasemasontweni baxwayiswe ngobungozi balo mkhuba, ngisho neSilo imbala sesike sawukhuza lo mhlola wokucekelwa phansi kwezinsiza,” kusho uButhelezi.
Uthe ukucekela phansi izinsiza akusiyo indlela engcono yokuzwakalisa intukuthelo.
“Okubuhlungu ukuthi lezi zinto esizishisayo sisuke sisazidinga okuphoqa ukuthi uhulumeni aphinde akhiphe enye imali elungisa into eshisiwe engabe uqhubekela phambili nokuhambisa izisingo kubantu,” kusho uButhelezi.
Kuyinto eyejwayelekile emphakathini yabamnyama ukuthi uma kukhona abakhala ngakho bavuke umbhejazane bacekele ngomlilo okuthile.
Lo mkhuba usuhambe waze wafika nakubafundi ikakhulukazi ezikhungweni zemfundo ephakeme nabo abasebenzisa umlilo uma bebhikishela izimfuno zabo.
Kubikwa ukuthi uyizigidi umonakalo odalwe ngabafundi ngokucekela phansi impahla emanyuvesi ngesikhathi kade beqhuba umkhankaso wemfundo yamahhala i-Fees Must Fall.