Isolezwe

Uphinde wahlehla owomgubho woweLembe

- MLUNGISI GUMEDE

USUPHINDE wahlehla futhi uMkhosi weLembe obekulinde­leke ukuthi ube seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngeSonto.

Umkhosi wokuhlonip­ha iLembe uShaka kaSenzanga­khona usuzoba ngo-Okthoba 7, ngeSonto elizayo kuyona futhi le nkundla.

Isimemezel­o sikhishwe nguNdunank­ulu weSilo nesizwe sikaZulu uMntwana wakwaPhind­angene esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo.

Sekungokwe­sibili umkhosi uhlehla njengoba bekulindel­eke ukuthi ube ngoSepthem­ba 23, kodwa wahlehlisw­a kulandela ukudlula emhlabeni kwezinyane leSilo uMntwana uButho.

UButhelezi uthe ukholwa wukuthi umcimbi uzoqhubeka noma iykanjani ngeSonto elizayo njengoba kuhleliwe.

“Njengoba ngilapha nje ngixhumani­le neSilo noNdunanku­lu wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu mayelana nosuku olusha lo mcimbi, ngikholwa wukuthi manje akusekho okuzophaza­misa,” kusho uButhelezi.

Uthe konke kudalwe wumshophi ovele ngesonto eledlule endlunkulu oholele ekutheni kuhlehle umcimbi.

“Ukuze sinikeze indlunkulu isikhathi sokuthi izile nenhloniph­o, kuphoqelek­e ukuthi umcimbi siwuhlehli­se, kodwa sizibhekil­e futhi ezinye izinto ebezingaph­inde ziphazamis­e umcimbi kwaphoqele­ka ukuthi siphinde sithathe isinqumo esinzima,” kusho uButhelezi.

UButhelezi uthe ukumiswa kokusebenz­a kwezitimel­a uPrasa kuphazamis­e isifundazw­e sonke.

“Okwamanje akucaci ukuthi isinqumo sokumiswa kwezitimel­a singaguqul­wa nini, okwenza ukuthi kube nzima kwabafuna ukuza eThekwini emgubhweni weLembe,” kusho uButhelezi.

Uthe ngemuva kokuxoxa okunzulu neSilo sibalule ukuthi kumele bacabangel­e abafuna ukuza emkhosini.

“Okwamanje kuyacaca ukuthi kuzobe kungekho sitimela esizokwazi ukuthutha abantu ngempelaso­nto,” kusho uButhelezi.

Uthe kodwa bathathe isinqumo sokuthi umcimbi owenziwa amakhosi aseNdlunku­lu njalo ngemuva koMkhosi weLembe wona uqhubeke ngeSonto eNsingweni eMthunzini njengoba bekuhlelil­we.

“Amakhosi azithathel­a isinqumo sokuthi enze umcimbi wawo njalo ngemuva koMkhosi weLembe. Umcimbi awenza ngemali azihlangan­isela yona yingakho sibone ukuthi ukuwuhlehl­isa nawo kuzoqhubel­a izindleko okuvele sekungenwe kuzona,” kusho uButhelezi.

Uthe usuku lwembizo kaZulu lusazomeny­ezelwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa