Isolezwe

Ukhathazwa wukungalas­hwa kwabapheth­we yisifo sezinso

- ZANELE MTHETHWA

UDOKOTELA oqale umkhankaso wokuhlola abaphethwe yisifo sezinso uthi kuyamkhath­aza ukungelash­wa kwabagulel­a ukufa ngenxa yazo.

UDkt Nomfundo Dzingwa, oyiCorpora­te Health Physiother­apist onenhlanga­no ezimele iDzimend, uthe abaningi babulawa yizinso ngoba bengazihlo­lelanga kusenesikh­athi kodwa zibe zilapheka. Abamnyama abanalo ulwazi ngesifo sezinso okwenza sibahlasel­e kakhulu. UDkt Dzingwa, ophinde abe nohlelo lokusiza abaphila nezinso, usehambela imiphakath­i ukukhuthaz­a ukuthi ihlolele lesi sifo, afundise nangaso.

“Abantu abazi ukuthi izinso ziyalaphek­a baze bathole sekonakele kakhulu. Kunzima uma umuntu ethole esegulela ukufa ngoba akabe eselapheka kahle. Usuke esedinga ukwenza i-dialysis (ukuhlanzwa kwezinso), nayo okungelula ukuthola usizo lwayo. Inkinga esibhekene nayo kuleli wukuthi asebegulel­a ukufa ngenxa yezinso abalutholi usizo lwe-dialysis uma benezinye izifo okubalwa kuzo igciwane lengculazi nesifo sohlangath­i. Kumanje sisazama ukulwela ukuthi nabo basizakale,” kusho uDkt Dzingwa.

Uthe usecelwe yiLegal Resources Council ukuthi basebenze nayo ukulwela labo abangalash­wa. Zimbili izinhlobo zedialysis – kukhona eyenzelwa esibhedlel­a naleyo umuntu azenzela yona ekhaya njalo emuva kwamahora amane. Inkinga ngeyasekha­ya wukuthi kunemiciki­lisho edinga ukuthi kuvakashel­wa ikhaya ukubheka ukuthi lisesimeni esinjani. Abaningi bayachithw­a emuva kokuvakash­ela emakhaya abo, okwenza bangakwazi ukuyithola i-dialysis.

“Uma umuntu esechithiw­e kweyasekha­ya kudingeka aye esibhedlel­a, abanye abasuke sebegula kakhulu bengakwazi nokuzihamb­ela. Abanye bagcina bengasayen­zi ngoba kunzima ukufinyele­la esibhedlel­a, beshoda nangemali. Kungiphath­a kabi ukubona umuntu esegulela ukufa kunzima nokumsiza,” kusho uDkt Dzingwa.

Mayelana nomkhankas­o wokuhlola emiphakath­ini uthe usizana nenhlangan­o elwa nomdlavuza, iPink Drive. NgoMgqibel­o bazobe besezinkun­dleni zemidlalo e-Ashley, ePinetown, lapho bazobe behlolela khona. Kuzoba khona nabe-Animal Rescue nabo abakhona emkhankasw­eni, kukhona neFlea Market kusukela ngo-9 ekuseni.

Uthe ukhuthaza ukuthi bonke abantu basheshe bahlolele izinso, ikakhuluka­zi abanoshuke­la, umfutho wegazi ophezulu ngoba yibona abasengcup­heni. Abanye athe basengcuph­eni yilabo abanezihlo­bo ezinenking­a yezifo eziphathel­ene nezinso. IKHASI ELIKHOKHEL­WE

 ?? Isithombe:BONGANI MBATHA/ANA ?? UKHUTHAZA abantu ukuthi bahlolele izinso kusenesikh­athi ngoba baningi abashona ngoba bethole sekonakele, uDkt Nomfundo Dzingwa onomkhanka­so wokuhlola
Isithombe:BONGANI MBATHA/ANA UKHUTHAZA abantu ukuthi bahlolele izinso kusenesikh­athi ngoba baningi abashona ngoba bethole sekonakele, uDkt Nomfundo Dzingwa onomkhanka­so wokuhlola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa