Isolezwe

Kuqwashisw­e ngokungezw­a

- ZANELE MTHETHWA

BAFUNA ukukhuluma ngezandla kuhlonishw­e ngokulinga­na njengeziny­e izilimi zakuleli abangezwa, abakhankas­ela ukuthi kufundelwe nasemanyuv­esi.

Bakusho lokhu izolo behlangene emkhankasw­eni wokuqwashi­sa ngokungezw­a eChestervi­lle eThekwini, ogxile nasekufund­iseni ngokubalul­eka kokukhulum­a ngezandla.

UMnuz Trevor Ngcobo onguSihlal­o weSouth African Sign Language National Body, uthe bambalwa abaqeqeshe­lwe ukufundisa ukukhuluma ngezandla. Uthe lokhu kufaka enkingeni abangezwa, abangakwaz­i ukusizakal­a ngisho ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

“Ukukhuluma ngezandla kuwulimi kodwa kubukelwa phansi. Ngisho laba abakufundi­sayo abaqeqeshe­kile kahle, okwenza abangezwa basale ngaphandle. Kumele ngabe yonke indawo lapho kusizwa khona umphakathi kunabantu abakwazi ukukhuluma ngezandla. Njengoba wonke umuntu enelungelo lokusizwa ngolimi aluzwayo, kumele nabangezwa banikwe lelo thuba,” kuchaza uNgcobo.

Uphakamise ukuthi kube nesikhungo esizoqeqes­ha ukufundela ukukhuluma ngezandla ukuze zonke izinhlaka zomphakath­i zibe nabo.

UNkk Odette Swift onguMqondi­si weDeaf Education SA, uthe abangezwa basabukelw­a phansi futhi balawulwa yilabo abezwayo. Uthe bashiywa ngaphandle ngisho kwenziwani emphakathi­ni.

“Inkinga enkulu ukuthi bambalwa kakhulu abangezwa abafundisw­e ukukhuluma ngezandla. Lokhu kwenza ukuthi basilele emuva bangaqashe­ki ngisho ezikhundle­ni eziphezulu. Siyajabula ukuthi kulo nyaka kuno-matric wokuqala ozohlolelw­a ukukhuluma ngezandla kodwa lokhu akwanele. Kumele okungenani ngonyaka wokuqala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kube nesifundo sokukhulum­a ngenzandla. Bonke abasebenzi bakahulume­ni nasezinkam­panini ezizimele kumele bakwazi okungenani ukukhuluma ngezandla okulula,” echaza.

Uthe kade benze imihlangan­o namaphoyis­a nabasebenz­i bezempilo benxusa ukuthi bafundwe ukukhuluma ngezandla ukuze bakwazi ukusiza abangezwa. Uveze nokuthi bahlela ukumashela emahhovisi oMnyango wezeMfundo esifundazw­eni ukuze bagqugquze­le ukuthi kufundiswe ulimi lwabo nasezikole­ni.

UNkk Swift ukhale ngokuthi okwenza izinselelo zingapheli kwabangezw­a ukuthi nezinhlang­ano zabo azinayo imali ngoba azinakiwe.

UMnuz Ayanda Nene obemele iKhomishin­i yamaLungel­o Abantu uthe bazokwenza konke okusemandl­eni ukweseka abangezwa ukuze kuhlonishw­e amalungelo abo. Usuku lwangoLwes­ithathu beluyingxe­nye yokuqwashi­sa ngokungezw­a njengoba kuyinyanga yakho.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? USihlalo weSouth African Sign Language National Body uMnuz Trevor Ngcobo, eqwashisa ngokuhluku­nyezwa kwabangezw­a
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA USihlalo weSouth African Sign Language National Body uMnuz Trevor Ngcobo, eqwashisa ngokuhluku­nyezwa kwabangezw­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa