Isolezwe

Bakhala ngentuthuk­o ewisa izindlu

- INTATHELI YESOLEZWE

UMPHAKATHI waKwaNongo­ma uyavutha ngokususwa kwezihlahl­a ezisemakha­ya awo nokuwa kwezindlu ziqhekezek­a ngenxa yokwakhiwa komgwaqo oxhumanisa leli dolobha neVryheid.

Okunye okukhalisa abantu bakule ndawo ukuthi inkampani ethintekay­o ayisafuni ukubanxeph­ezela ngemali ukuze kulungisek­e umonakalo wokuqhekez­eka kwezindlu.

“Sinenkinga ngendlela okwenzeka ngayo izinto njengoba kwakhiwa lo mgwaqo. Ngikhuluma nawe nje kususwa izihlahla ezisemizin­i yethu ngaphandle kwemvume, kuthiwa kwenzelwa umgwaqo. Ukube kusesilung­wini ngabe azithintwa lezi zihlahla kodwa ngoba yithi kwenziwa noma ikanjani. Ngisho izindlu ziyawa ngenxa yemishini egqebhula amadwala uma kuqalwe umgwaqo,” kusho esinye sezakhamuz­i.

Omunye wabalinyal­elwe umuzi uthe akasekho ofuna ukumnxephe­zela kodwa umuzi wakhe uyawa.

“Sibuthwele ubunzima ngoba imizi yethu iyawa ngenxa yalo mgwaqo owakhiwayo. Okubuhlung­u ukuthi akekho ofisa ukusikhokh­ela ukuze sakhe.

“Ngisho ubuholi bendawo buyasibuke­lela,” kusho ilungu lomphakath­i elicele kugodlwe igama lalo.

UMnuz Phumlani Msezane ongumxhuma­nisi wenkampani nomphakath­i, uthe akazukukwa­zi ukuphawula.

Induna yesigodi, uMnuz Joseph Hlatshwayo, ithe akulona iqiniso okushiwoyo ngale nkampani .

“Empeleni ngesikhath­i inkampani yakha kube nemizi ethintekil­e. Kule mizi eminye yanxesheze­lwa ngemali. Ekugcineni abanikazi bayo abazange bakhe kodwa bavele bayidla imali. Lokhu kugcine ngokuthi baphenduke usizi ngoba imali ayisekho kanti nemizi abayakhang­a. Ngenxa yalokho kwanqunywa ukuba abantu abafake izicelo banganikez­wa imali kodwa bakhelwe. Eminye imindeni iyalwa isibanga yona le mali,” kusho uHlatshway­o.

Uqhube wathi izikhulu zenkampani eyakha umgwaqo, ziyile emizini ethintekay­o kodwa zifika abantu bengekho.

UHlatshway­o uthe lokhu kudala ubunzima bokuba inkampani ikwazi ukwakhela labo abalinyale­lwe izindlu.

Uthe kulokhu kwezihlahl­a, abakhulumi iqiniso laba abathi ezabo ngoba ezakubo futhi zatshalwa uyise ngo-1966.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa