Bakhala ngentuthuko ewisa izindlu
UMPHAKATHI waKwaNongoma uyavutha ngokususwa kwezihlahla ezisemakhaya awo nokuwa kwezindlu ziqhekezeka ngenxa yokwakhiwa komgwaqo oxhumanisa leli dolobha neVryheid.
Okunye okukhalisa abantu bakule ndawo ukuthi inkampani ethintekayo ayisafuni ukubanxephezela ngemali ukuze kulungiseke umonakalo wokuqhekezeka kwezindlu.
“Sinenkinga ngendlela okwenzeka ngayo izinto njengoba kwakhiwa lo mgwaqo. Ngikhuluma nawe nje kususwa izihlahla ezisemizini yethu ngaphandle kwemvume, kuthiwa kwenzelwa umgwaqo. Ukube kusesilungwini ngabe azithintwa lezi zihlahla kodwa ngoba yithi kwenziwa noma ikanjani. Ngisho izindlu ziyawa ngenxa yemishini egqebhula amadwala uma kuqalwe umgwaqo,” kusho esinye sezakhamuzi.
Omunye wabalinyalelwe umuzi uthe akasekho ofuna ukumnxephezela kodwa umuzi wakhe uyawa.
“Sibuthwele ubunzima ngoba imizi yethu iyawa ngenxa yalo mgwaqo owakhiwayo. Okubuhlungu ukuthi akekho ofisa ukusikhokhela ukuze sakhe.
“Ngisho ubuholi bendawo buyasibukelela,” kusho ilungu lomphakathi elicele kugodlwe igama lalo.
UMnuz Phumlani Msezane ongumxhumanisi wenkampani nomphakathi, uthe akazukukwazi ukuphawula.
Induna yesigodi, uMnuz Joseph Hlatshwayo, ithe akulona iqiniso okushiwoyo ngale nkampani .
“Empeleni ngesikhathi inkampani yakha kube nemizi ethintekile. Kule mizi eminye yanxeshezelwa ngemali. Ekugcineni abanikazi bayo abazange bakhe kodwa bavele bayidla imali. Lokhu kugcine ngokuthi baphenduke usizi ngoba imali ayisekho kanti nemizi abayakhanga. Ngenxa yalokho kwanqunywa ukuba abantu abafake izicelo banganikezwa imali kodwa bakhelwe. Eminye imindeni iyalwa isibanga yona le mali,” kusho uHlatshwayo.
Uqhube wathi izikhulu zenkampani eyakha umgwaqo, ziyile emizini ethintekayo kodwa zifika abantu bengekho.
UHlatshwayo uthe lokhu kudala ubunzima bokuba inkampani ikwazi ukwakhela labo abalinyalelwe izindlu.
Uthe kulokhu kwezihlahla, abakhulumi iqiniso laba abathi ezabo ngoba ezakubo futhi zatshalwa uyise ngo-1966.