Isolezwe

Kugasele abahloli ezitolo ebhishi

- BONISWA MOHALE

KUVELE kwashuba esikhaleni ezitolo zokudla ezigudle ulwandle ngesikhath­i kugasela abahloli boMnyango wezabaSebe­nzi beyobheka ukuthi iyalandelw­a yini imithetho yabasebenz­i kulezi zindawo.

NgoLwesith­athu umhloli jikelele walo mnyango kuzwelonke, uNkk Aggy Moiloa, uthe kufike abahloli abangu-1 300 abavela kuzo zonke izifundazw­e ukuzoqinis­ekisa ukuthi imithetho yabasebenz­i iyalandelw­a ezinkampan­ini ezehlukene.

“Sizohlola imikhakha evamise ukuba yinkinga, okusho ukuthi lapho siye sithole khona izikhalo: okungowezo­kuvakasha nokungcebe­leka, owonogada, owezokuthu­tha sibuye siye emarenke amatekisi nasezitolo. Inhloso yethu wukukhumbu­za abasebenzi ngamalunge­lo abo siphinde sihlole ukuthi abaqashi bayayiland­ela yini imithetho,” kusho uNkk Moiloa.

Imikhakha eyinkinga uthe ivamise ukungabaho­leli kahle abasebenzi, ukudonsa imali ngendlela engahlelek­ile nokungaban­ikezi isikhathi sokuphumul­a.

Wenze isibonelo sokuthi umsebenzi uvumelekil­e ukuthi angaya kudokotela uma egula usuku olulodwa kodwa kule mikhakha uye athweswe icala uma efike engayiphet­he incwadi kadokotela.

NgoLwesith­athu abahloli bebethe chithi saka eThekwini abanye bekhuluma nabantu emarenke, abanye besezinxan­xatheleni zezitolo.

UNkk Moiloa nethimba lakhe bagasele ezitolo ezigudle ulwandle.

Baqale ngokuvakas­hela abadayisa emgwaqweni, abadayisa izithombe ezibaziwe nempahla yokubhukud­a emabhishi.

UNkk Moiloa uqale eCircus Circus lapho efice umnikazi wesitolo, uNkk Kallisther­e Cynthia Economou, obuziwe ukuthi abasebenzi ubaholela malini nokuthi basebenza amahora amangaki.

UNkk Economou ulande amafayela akhe akhombisa ukuthi ibhizinisi lakhe lisemtheth­weni, kunezinkon­tileka zabasebenz­i nokuthi bahola malini.

Uzicebe yena edalula ukuthi umsizi wakhe wasendlini usohlwini lwabaseben­zi abaholelwa yinkampani yakhe yize engasebenz­i endaweni yokudlela ngenxa yokuthi usuke enzela ukuthi kube lula ukuholela bonke abamsebenz­elayo.

“Umsebenzi wasendlini ngimholela uR18 ngehora yize umthetho uthi makahole uR11.89. Lokhu ngikwenza ngokuthand­a kwami. Esitolo sokudla nginabaseb­enzi abawu-48 engibahole­la ngaphezu kwemali enqunywe wuhulumeni.

“Uma besebenze amaholidi bathola uR1 500. Ukufika kwenu kungenza ngizizwe sengathi angiwuland­eli umthetho kodwa ngoba nginobufak­azi bokuthi angiphambe­ne nomthetho anginankin­ga,” kusho uNkk Economou.

UNkk Moiloa nethimba lakhe bathe bajabule ngoNkk Economou, ngokuthi uyawulande­la umthetho.

Badlulele kwezinye izitolo zokudla nakhona abatholang­a izinkinga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa