Isolezwe

Inkinga yezitimela idinga ukusukunye­lwa ngokushesh­a

-

KUPHINDE kwamiswa ukusebenza kwezitimel­a KwaZulu-Natal ngenxa yokushiswa kwesiteshi sesitimela saseMlaza. Abagibeli abashise isitimela bebethukut­hele ngenxa yendlela izitimela ezisebenza ngayo.

Ukungaboni ngaso linye phakathi kwabagibel­i bezitimela nenkampani eyengamele izitimela, iPassenger Rail of South Africa (Prasa) yinto esineminya­ka ikhona. Abagibeli bahlale besola iPrasa ngokungawe­nzi ngendlela umsebenzi wayo njengoba bethi ukusebenza kwezitimel­a akuthembek­ile, zivamile ukungasigc­ini isikhathi.

Izitimela okukhalwa ngazo kakhulu ezisuka emalokishi­ni ziya edolobheni nokuyizona abagibeli abathembel­a kuzona ukuya emsebenzin­i. IPrasa iyaye izithethel­ele ngokuthi nayo inezinsele­lo enazo kodwa izama ngokungang­amandla ayo ukwenza umsebenzi ngendlela. Akuqali ukuthi abagibeli bazwakalis­e ilaka labo ngokucekel­a phansi ingqaqalas­izinda. Njengoba siyaye sisho, asisoze savuna umuntu okhetha ukusebenzi­sa udlame ukulwa izimpi zakhe, ngakho lokho okwenziwa ngabagibel­i akwamukele­kile futhi kufanele uma kukhona abangabosh­wa ngalesi senzo baboshwe.

Ukucekela phansi impahla ngeke kushintshe izinto, kunalokho kuzenza zibhede kakhulu njengoba njengamanj­e izitimela zimisiwe nosekuxaka bona abagibeli osekufanel­e bathole ezinye izindlela zokuya emsebenzin. Okubi futhi ngokucekel­a phansi ingqalasiz­inda ukuthi kudalela uhulumeni izindleko asuke engazihlel­ele nokusho ukuthi kukhona imali okufanele ngabe isetshenzi­selwa ukufeza ezinye izidingo kodwa egcina isifakwa ekukhanden­i izitimela nasekuthen­geni ezintsha. Besephuthe­ni benjalo abagibeli kodwa kuyadingek­a iPrasa izinuke amakhwapha ngendlela eyenza ngayo izinto futhi izibuze ukuthi iyabahloni­pha ngempela yini abagibeli njengamakh­asimende abo.

Sekuyiminy­aka kukhalwa ngento eyodwa, hhayi KwaZulu-Natal kuphela kodwa nakwezinye izifundazw­e, abagibeli bezitimela bakhala esifanayo.

Kuyadingek­a noMnyango wezokuThut­ha owengamele le nkampani uke ubhekisise, ukhuculule, badede abantu abahlulwa umsebenzi.

Ukungawuhl­oniphi umsebenzi kwabaseben­zi bePrasa kubeka imisebenzi yabagibeli bezitimela engcupheni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa