Ayiyekwe indaba yendwangu emhlophe uma kungcwatshwa
“HHAYIBO nkosi yami, kodwa niyenza kanjani into enjena? Umuntu akufanele nje afakwe ebhokisini lomngcwabo ingekho indwangu emhlophe ewukhalikha”
MaSolezwe mina ngifisa ukwazi ukuthi ngubani lona owaqhamuka nalo msangano wokuthi umuntu oshonile kufanele ambozwe ngendwangu emhlophe okuthiwa ukhalikha.
Okusempeleni mina angisawufuni nakuwubona lo khalikha ngoba angiwuqondi umsebenzi owenzayo ngoba amabhokisi omngcwabo esimanje avele akhiwe afakwa indwangu emhlophe ngaphakathi.
Okufike kungicike kakhulu ngalo khalikha wukuthi umuntu oshonile uthi egqokiswe isudi yakhe yakanokusho ijike izombozwa ngalo khalikha.
Le ndaba kakhalikha iyawuhlupha umqondo wami, yingakho ngize nganquma ukuthi ngibuze omunye umngcwabi ukuthi kungabe uyini umsebenzi kakhalikha.
Lo mngcwabi uchaze wathi indwangu kakhalikha yaqala ukusetshenziswa ngenxa yezimo zokuthi umuntu oshonile uyahlupheka akanazo izimpahla zokugqoka. Esimeni somuntu ohluphekayo kwakuthathwa ukhalikha kumbozwe ngawo kwenzelwa ukufihla ihlazo lokuthi umufi uyimpabanga enganazingubo zokugqoka.
Uma umuntu eshone engaswele enazo izimpahla zakhe zokugqoka, asikho isidingo sokwembathiswa ukhalikha ngoba unayo imiswenko yakhe.
Bakwethu bengicela iyekwe le ndwangu emhlophe kakhalikha ngoba ayinasidingo uma kungcwatshwa umuntu.
Kwesinye isikhathi mina ngize ngicasulwe kwayikhona nje ukuthi umuntu ambozwe ngendwangu emhlophe kodwa sibe simazi ukuthi ubegila imikhuba yobumnyama.
Uthole ukuthi kufe umbhunguka omdala obungawondli umndeni kodwa uma sewungcwatshwa ubone sewumbathiswe ukhalikha omhlophe.
Lokhu kumbathisa imibhunguka ukhalikha kusho khona ukuthi kusuke kudlalwa ngendwangu emhlophe imbathiswa noxamu. MaSolezwe okaVolos uyaphinda uyasho ukuthi ezulwini akungenwa ngokhalikha abamhlophe, uma imisebenzi yomuntu ibheda emhlabeni kufanele azi ukuthi uyongena esihogweni endiza nokhalikha ogaxwe entanyeni.
MaSolezwe angithandi ukukhuza abantu ngoba bayazonda uma bekhuzwa kodwa kangiboni ukuthi kusiza ngani ukuthi kutatazelwe kuthiwe umuntu oshonile akagqokiswe izingubo zakhe zesonto?
Kusiza ngani ukugqokisa umuntu izevatho zesonto kanti imisebenzi yakhe imkhomba ekomkhulu likaLusifa?
Kwakhona ukuthi umuntu oshonile ambathiswe isikhumba sembuzi okanye esenkomo, kangiboni kumsiza ekutheni akwazi ukuyongena ezulwini. Uma umuntu egila imikhuba esaphila kufanele azi ukuthi izikhumba azisoze zamsiza ekutheni agweme ukungena esihogweni.
Ngokwami ngibona kufanele ziyekwe zonke lezi zinto ezenziwa uma kushone umuntu, okungcono kungamane kufakwe insangu ebhokisini lomuntu ofile ukuze abheme yona uma esebuzwa ngezono azenze emhlabeni.
Kwayena uJesu useyokwehlisa umoya uma ebona abantu befika ezulwini benamehlo abomvu bedakwe yinsangu.
Kuyofanele aqonde ukuthi okuboshwe emhlabeni kuboshiwe nasezulwini, okukhululwe emhlabeni kukhululiwe nasezulwini ngokunjalo nensangu sekuvumelekile ukuthi siyibheme emhlabeni osekusho ukuthi nasezulwini siyongena sidakwe yiyona bathandekayo.