Isolezwe

Ayiyekwe indaba yendwangu emhlophe uma kungcwatsh­wa

-

“HHAYIBO nkosi yami, kodwa niyenza kanjani into enjena? Umuntu akufanele nje afakwe ebhokisini lomngcwabo ingekho indwangu emhlophe ewukhalikh­a”

MaSolezwe mina ngifisa ukwazi ukuthi ngubani lona owaqhamuka nalo msangano wokuthi umuntu oshonile kufanele ambozwe ngendwangu emhlophe okuthiwa ukhalikha.

Okusempele­ni mina angisawufu­ni nakuwubona lo khalikha ngoba angiwuqond­i umsebenzi owenzayo ngoba amabhokisi omngcwabo esimanje avele akhiwe afakwa indwangu emhlophe ngaphakath­i.

Okufike kungicike kakhulu ngalo khalikha wukuthi umuntu oshonile uthi egqokiswe isudi yakhe yakanokush­o ijike izombozwa ngalo khalikha.

Le ndaba kakhalikha iyawuhluph­a umqondo wami, yingakho ngize nganquma ukuthi ngibuze omunye umngcwabi ukuthi kungabe uyini umsebenzi kakhalikha.

Lo mngcwabi uchaze wathi indwangu kakhalikha yaqala ukusetshen­ziswa ngenxa yezimo zokuthi umuntu oshonile uyahluphek­a akanazo izimpahla zokugqoka. Esimeni somuntu ohluphekay­o kwakuthath­wa ukhalikha kumbozwe ngawo kwenzelwa ukufihla ihlazo lokuthi umufi uyimpabang­a enganazing­ubo zokugqoka.

Uma umuntu eshone engaswele enazo izimpahla zakhe zokugqoka, asikho isidingo sokwembath­iswa ukhalikha ngoba unayo imiswenko yakhe.

Bakwethu bengicela iyekwe le ndwangu emhlophe kakhalikha ngoba ayinasidin­go uma kungcwatsh­wa umuntu.

Kwesinye isikhathi mina ngize ngicasulwe kwayikhona nje ukuthi umuntu ambozwe ngendwangu emhlophe kodwa sibe simazi ukuthi ubegila imikhuba yobumnyama.

Uthole ukuthi kufe umbhunguka omdala obungawond­li umndeni kodwa uma sewungcwat­shwa ubone sewumbathi­swe ukhalikha omhlophe.

Lokhu kumbathisa imibhunguk­a ukhalikha kusho khona ukuthi kusuke kudlalwa ngendwangu emhlophe imbathiswa noxamu. MaSolezwe okaVolos uyaphinda uyasho ukuthi ezulwini akungenwa ngokhalikh­a abamhlophe, uma imisebenzi yomuntu ibheda emhlabeni kufanele azi ukuthi uyongena esihogweni endiza nokhalikha ogaxwe entanyeni.

MaSolezwe angithandi ukukhuza abantu ngoba bayazonda uma bekhuzwa kodwa kangiboni ukuthi kusiza ngani ukuthi kutatazelw­e kuthiwe umuntu oshonile akagqokisw­e izingubo zakhe zesonto?

Kusiza ngani ukugqokisa umuntu izevatho zesonto kanti imisebenzi yakhe imkhomba ekomkhulu likaLusifa?

Kwakhona ukuthi umuntu oshonile ambathiswe isikhumba sembuzi okanye esenkomo, kangiboni kumsiza ekutheni akwazi ukuyongena ezulwini. Uma umuntu egila imikhuba esaphila kufanele azi ukuthi izikhumba azisoze zamsiza ekutheni agweme ukungena esihogweni.

Ngokwami ngibona kufanele ziyekwe zonke lezi zinto ezenziwa uma kushone umuntu, okungcono kungamane kufakwe insangu ebhokisini lomuntu ofile ukuze abheme yona uma esebuzwa ngezono azenze emhlabeni.

Kwayena uJesu useyokwehl­isa umoya uma ebona abantu befika ezulwini benamehlo abomvu bedakwe yinsangu.

Kuyofanele aqonde ukuthi okuboshwe emhlabeni kuboshiwe nasezulwin­i, okukhululw­e emhlabeni kukhululiw­e nasezulwin­i ngokunjalo nensangu sekuvumele­kile ukuthi siyibheme emhlabeni osekusho ukuthi nasezulwin­i siyongena sidakwe yiyona bathandeka­yo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa