Isolezwe

Asizame ezinye izindlela kuliwe nalobu bugebengu

-

Sibusiso Khumalo EZAKHENI MHLELI: Iyamangaza indlela abantu bakithi ababulalan­a ngayo. Mihla namalanga kubikwa izigameko zokufa kwabantu bebulawa abanye abantu. Okufike kushaqise kakhulu ukubandaka­nyeka kwentsha ezigamekwe­ni zokubulala.

Kuyadumaza ukubona intsha yakithi esikhathin­i lapho izwe selibuswa ngentando yeningi nodlame lwezombusa­zwe lungasekho kodwa intsha yakithi ichitha igazi labantu mihla namalanga.

Isibindi sokugwaza ubulale omunye umuntu sivelaphi sizwe sakithi? Lezi zibhamu ezigcwele izwe lonke okubanjwa ngazo inkunzi, zona zivelaphi? Sifike kanjani la sizwe sakithi? Ngabe asenzi kahle emakhaya, ezikoleni, emabandlen­i nasemphaka­thi? Ngabe uhulumeni wethu uyehluleka ukunqanda ubugebengu?

Kumele size sibulale bani isibhamu ukuze uhulumeni ezophuma umkhankaso wokuqoqa izibhamu ezingekho emthethwen­i? Izwe liyadunguz­ela ngenxa yegazi labantu eligobhoza mihla namalanga.

Inkulu le nkinga idinga amadoda nomama abaqotho idingidwe kuphunywe nekhambi lokuqeda lesi sihlava. Ukuba kuya ngami ngabe kuqala ngokuvalwa wonke amathoyizi ezibhamu ngoba izingane ziqala lapho ukwazi ukuthi kunento okuthiwa yisibhamu, bese kuzoba imidlalo yakuthelev­ishini, ukuba kuya ngokwami ngabe awukho nowodwa umdlalo onodlame ovunyelwa ukukhonjis­wa kuthelevis­hini.

Singaqala manje sakhe isizwe esingenalo udlame ngokubambi­sana nohulumeni nazo zonke izinhlaka zemiphakat­hi esiyakhele.

Kucace bha ukuthi lincane iqhaza elidlalwa amajele ekulweni nobugebeng­u, kumele sizame ezinye izindlela zokubumba isizwe esingenalo udlame nobugebeng­u. Nathi Cele KWADUMISA EMZINTO

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa