Kugasele abahloli ezitolo ebhishi
KUVELE kwashuba esikhaleni ezitolo zokudla ezigudle ulwandle ngesikhathi kugasela abahloli boMnyango wezabaSebenzi beyobheka ukuthi iyalandelwa yini imithetho yabasebenzi kulezi zindawo.
NgoLwesithathu umhloli jikelele walo mnyango kuzwelonke, uNkk Aggy Moiloa, uthe kufike abahloli abangu-1 300 abavela kuzo zonke izifundazwe ukuzoqinisekisa ukuthi imithetho yabasebenzi iyalandelwa ezinkampanini ezehlukene.
“Sizohlola imikhakha evamise ukuba yinkinga, okusho ukuthi lapho siye sithole khona izikhalo: okungowezokuvakasha nokungcebeleka, owonogada, owezokuthutha sibuye siye emarenke amatekisi nasezitolo. Inhloso yethu wukukhumbuza abasebenzi ngamalungelo abo siphinde sihlole ukuthi abaqashi bayayilandela yini imithetho,” kusho uNkk Moiloa.
Imikhakha eyinkinga uthe ivamise ukungabaholeli kahle abasebenzi, ukudonsa imali ngendlela engahlelekile nokungabanikezi isikhathi sokuphumula.
Wenze isibonelo sokuthi umsebenzi uvumelekile ukuthi angaya kudokotela uma egula usuku olulodwa kodwa kule mikhakha uye athweswe icala uma efike engayiphethe incwadi kadokotela.
NgoLwesithathu abahloli bebethe chithi saka eThekwini abanye bekhuluma nabantu emarenke, abanye besezinxanxatheleni zezitolo.
UNkk Moiloa nethimba lakhe bagasele ezitolo ezigudle ulwandle.
Baqale ngokuvakashela abadayisa emgwaqweni, abadayisa izithombe ezibaziwe nempahla yokubhukuda emabhishi.
UNkk Moiloa uqale eCircus Circus lapho efice umnikazi wesitolo, uNkk Kallisthere Cynthia Economou, obuziwe ukuthi abasebenzi ubaholela malini nokuthi basebenza amahora amangaki.
UNkk Economou ulande amafayela akhe akhombisa ukuthi ibhizinisi lakhe lisemthethweni, kunezinkontileka zabasebenzi nokuthi bahola malini.
Uzicebe yena edalula ukuthi umsizi wakhe wasendlini usohlwini lwabasebenzi abaholelwa yinkampani yakhe yize engasebenzi endaweni yokudlela ngenxa yokuthi usuke enzela ukuthi kube lula ukuholela bonke abamsebenzelayo.
“Umsebenzi wasendlini ngimholela uR18 ngehora yize umthetho uthi makahole uR11.89. Lokhu ngikwenza ngokuthanda kwami. Esitolo sokudla nginabasebenzi abawu-48 engibaholela ngaphezu kwemali enqunywe wuhulumeni.
“Uma besebenze amaholidi bathola uR1 500. Ukufika kwenu kungenza ngizizwe sengathi angiwulandeli umthetho kodwa ngoba nginobufakazi bokuthi angiphambene nomthetho anginankinga,” kusho uNkk Economou.
UNkk Moiloa nethimba lakhe bathe bajabule ngoNkk Economou, ngokuthi uyawulandela umthetho.
Badlulele kwezinye izitolo zokudla nakhona abatholanga izinkinga.