UNdoro kulindeleke aphuthwe yimidlalo yeHighlands Park
UMGADLI waseZimbabwe obesematheni ngendlela emangalisayo ngesizini edlule, uTendai Ndoro, okungenxa yokusayiniswa kwakhe yi-Ajax Cape Town egijima kwiNational First Division (NFD), usephinde wafaka elinye iqembu lePremier Soccer League (PSL) enkingeni.
Izolo ekuseni kuvukwe ngezindaba zokuthi lo mgadli ongalibheki ipali usayine inkontileka yonyaka owodwa neHighlands Park. UNdoro usayina nje, bekunokungaboni ngaso linye kwabaphathi baleli qembu nethimba labaqeqeshi kwazise kuthiwa ubefuna inkontileka ende futhi ehamba netshe lemali azoyihola ngenyanga.
Ngakolunye uhlangothi abaphathi bebengasiboni isidingo sokunika lo mgadli oneminyaka ewu-33 ubudala lezi zishaqane abezifuna futhi zingakufihli ukuthi azisiboni isidingo sokuthi asayiniswe ngoba abagadli abakhona kompetha bangesizini edlule be-NFD banele futhi.
UNdoro kade sekuphele amasonto eziqeqesha neHighlands Park.
“Abaqeqeshi kade baphumela obala bathi bayamdinga uNdoro. Inkinga bekuwukuthi yena ubefuna inkontileka yeminyaka emithathu nomholo iqembu elingazimisele ukumholela wona. Asikwazi ukusayinisa umuntu inkontileka ende kangako ekubeni singazi ukuthi iqembu lizobe lidlala kusiphi isigaba ngesizini ezayo. Asifuni ukuba nezinkinga ekugcineni sekufanele simkhokhele ngoba ngeke avume ukwehlela kwiNFD neqembu uma kwenzeka sigawulwa yizembe, uzobe eseduma namaqembu amakhulu,” kusho esinye sezikhulu zeHighlands Park.
Kuze kube yimanje iHighlands isaphumelele ukubhakuzisa inethi amahlandla ayisithupha emidlalweni eyisibalo esifanayo.
Kugcine kuhambe ngokwezifiso zomqeqeshi weHighlands, u-Owen Da Gama wasayina lo mgadli inkontileka yonyaka owodwa. Inkinga enkulu ukuthi ngesikhathi uNdoro esematheni akuzange kugcinwe ngokuhlawuliswa kweAjax (edliwe izembe) kepha naye umdlali ushaywe ngoswazi olumbeka ngaphandle kwemidlalo emibili. Kusukela ehlukanise ne-Ajax ngoJanuwari uNdoro, ubengakaze adlalele elinye iqembu okuchaza ukuthi isigwebo simile.
IHighlands isenkingeni ngoba kubukeka sengathi ngeke ivumeleke ukumsebenzisa uNdoro emdlalweni ongoLwesibili ebusuku neKaizer Chiefs eMakhulong Stadium, eTembisa ngaphansi kwe-Absa Premiership. Omunye umdlalo angeke awugijime uNdoro uma kuqhutshekwa nalesi sigwebo oweChippa United nayo ezovakasha eTembisa ngo-Okthoba 6.