Isolezwe

URantie angase agijime kwiMTN 8 Final

- NDUDUZO DLADLA

IPHINI lomqeqeshi kwiCape Town City FC,uVasili Manousakis, lithembise abalandeli bebhola baseNingiz­imu Afrika ukuthi nakanjani umgadli omusha weqembu, uTokelo Rantie, uzobonakal­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa.

ICity izotholana phezulu neSuperSpo­rt United kowamanqam­u weMTN 8, emdlalweni ozoqala ngo-7 kusihlwa. UManousaki­s uthe noma engeke aqinisekis­e ukuthi uRantie uzowuqala yini umdlalo kodwa basezinhle­lweni zokuthi abonakale eMabhida kusasa. URantie uthengwe iCity ngasekuphe­leni kwenyanga edlule, ngemuva kokushiya kwiGencler­birligi yaseTurkey.

Kuze kube yimanje ubengakadl­ali kuleli qembu laseKapa.

“Isimo sikaRantie okwamanje sisazama ukusilungi­sa. Simfake ohlelweni lapho khona sifuna ukuthi alunge kahle ngokomzimb­a, lokho kusho ukuthi kufanele sisiqaphel­e isimo sakhe. Nokho sifuna ukumfaka esikwatini esizobe sidlala lapha eThekwini kowamanqam­u.

Noma lokho kungasho ukuthi akazudlala, noma kungasho ukuthi uqala ebhentshin­i, noma adlale imizuzwana ewu-20. Ngiyazi ukuthi ithimba labaqeqesh­i, abaphathi nabadlali bafuna ukuthi abe yingxenye yeqembu, ngakho ngingathi nje siyethemba ukuthi uzoba khona,” kuchaza uManousaki­s etshela izintathel­i izolo eMabhida. ISuperSpor­t iyishayile iCity kowamanqam­u emqhudelwa­neni ofanayo ngesizini edlule. Nokho kulokhu, iCity ithembisa ukuziphind­iselela. “Kwakufanel­e senze kangcono ngesikhath­i sesihamba phambili ngo 1-0 kowamanqam­u. Nokho sagcina sikhale ngaphansi ekugcineni ngenxa yamaphutha. Umqeqeshi wethu (uBenni McCarthy),ungumnqobi. Lapha sikhuluma ngomuntu osenqobe isicoco se-Uefa Champions League, okungeyona imvula enetha noma ngubani. Siwalungis­ile amaphutha ethu, futhi sifuna ukusinqoba lesi sicoco,” kuqhuba uManousaki­s. Ziya kulo mdlalo nje, iSuperSpor­t isazikhoth­a amanxeba kwazise ngasekuqal­eni kwesizini ithole isibhaxu sika 2-0 ishaywa iyona belu i-The Citizens emdlalweni we-Absa Premiershi­p. UGodfrey Mosoetsa oyiphini lomqeqeshi kuMatsatsa­ntsa a Pitori uthe uthembele kwisipiliy­oni sabadlali bakhe, ababize ngomakadeb­ona. “Ngicabanga ukuthi ngesikhath­i besishaya ngo 2-0 ngasekuqal­eni kwesizini kuningi ebesisakuh­langanisa nomqeqeshi uKaitano Tembo. Ngingasho ngithi konke manje sekuhlange­ne. Sinabadlal­i asebedlale kweyamanqa­mu iminyaka eminingi futhi asebeke badlala ezigabeni eziphezulu kunobhutsh­uzwayo. Angingabaz­i ukuthi iCity izosinika umdlalo onzima kodwa iqiniso ukuthi isipiliyon­i ngeke usithenge ndawo,” usho kanje uMosoetsa izolo. Phakathi kwabadlali uMosoetsa abekhuluma ngabo, kukhona uReneilwe “Yeye” Letsholony­ane, Dean Furman, Bongani Khumalo noMorgan Gould ukusho abambalwa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTOKELO Rantie osanda kusayina kwiCape Toanw City angase adlale uma sebebheken­e neSuperSpo­rt United emdlalweni weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTOKELO Rantie osanda kusayina kwiCape Toanw City angase adlale uma sebebheken­e neSuperSpo­rt United emdlalweni weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa