Inkakha yeChiefs ikhala ngokuthula kukaMabedi
INKUNZI yesitobha seKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uFabian McCarthy, siwukhomba kuPatrick Mabedi oyiphini lenhloko yabaqeqeshi umunwe ngokuvuza kodonga lwaleli qembu yize lilele endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiership.
Konke kuza kahle futhi kuyathembisa kodwa ngokukaMcCarthy ukuklayeka kalula kodonga lweChiefs yikhona okuzokhubaza amathuba aleli qembu okwenza kahle kule sizini. Emaqenjini ayisikhombisa esicongweni se-Premiership iChiefs iyona ehamba phambili ngokungenelwa amagoli. Leli rekhodi elingelihle ilibanga ne-Orlando Pirates eqhwakele.
Zombili lezi zinkunzi zaseSoweto sezingenelwe amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni eyisibalo esifanayo. IChiefs isishaye amagoli awu-13 nokho kwazise uKhama Billiat ugila izimanga kusukela esayine kuyona esuka kwiMamelodi Sundowns.
UMcCarthy, odle izicoco neChiefs edlala ngokuhlangana noMabedi,utshele Isolezwe ukuthi akumhleli kahle ukuthi iChiefs ivuza ngale ndlela ekubeni uzakwabo wakudala ekhona. Akekho ongakungabaza ukuthi ukaputeni wakudala weChiefs uMabedi, osiza uGiovanni Solinas, wayeyisiqongwane kodwa uMcCarthy kumshiya edidekile ukuthi kungani lo mqeqeshi waseMalawi engakwenzi kube umsebenzi wakhe ukusebenza ngodonga lweqembu. “Kuzozwakala kabi kwabanye kodwa okwamanje indaba yodonga lweChiefs ifana nengekho ngoba u-Itumeleng (Khune) uze akhulume noRamahlwe (Mphahlele) okwesokudla uma kukhona umyalezo afisa ukuwudlulisela ezitobheni zakhe.
“Umthetho uthi uKhune kumele axhumane kakhulu nabadlali abadlala maphakathi. Inkinga enkuluukuthi uSiyabonga (Ngezana) usemncane nakuba enekhono. Usadinga ukuqeqeshwa okunzulu. Ngicabanga ukuthi uMabedi kufanele ngabe uyangenelela lapha. UDaniel (Cardoso) muhle futhi unesipiliyoni kodwa uwuhlobo lwesitobha esizithulelalyo.
“Bekuthembisa kufika uTeenage (Hadebe) kodwa naye unenkinga yokulimala njalo. UTower (Eric Mathoho) ubhekene nezinkinga endleleni adlala ngayo ngakho-ke ukushweba kwabo emizamweni yokubuyisa uLorenzo (Gordinho) kubukeka kuyifake enkingeni iChiefs,”kusho uMcCarthy.
Le nkakha idlale kwiChiefs nabadlali abafana noJohn “Shoes” Moshoeu no-Emmanuel “Scara” Ngobese bobabili abangasekho.
NoSolinas akakhohlwa ukuveza ukuthi unenkinga ezitobheni njalo kodwa uma ehluliwe.
“Indlela asingenela ngayo amagoli iyethusa ngoba akufanele. Ungafunga ukuthi siyiqembu elincane. Kufanele isheshe le ndaba yokuvala ukuvuza emuva ngoba izosikhubaza,” usho kanje lo mqeqeshi muva nje benqoba kuMaZulu.
Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neHighlands Park eMakhulong Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoLwesibili (Okthoba 2) ngo-7.30 ebusuku: Polokwane City v SuperSport United (New Peter Mokaba Stadium); Highlands Park v Kaizer Chiefs (Makhulong Stadium); Cape Town City v Bidvest Wits (Cape Town Stadium); AmaZulu v Maritzburg United (King Zwelithini Stadium)
NgoLwesithathu (Okthoba 3) ngo-7.30 ebusuku: Black Leopards v Baroka FC (New Peter Mokaba Stadium); Orlando Pirates v Lamontville Golden Arrows (Orlando Stadium); Chippa United v Free State Stars (Nelson Mandela Bay Stadium)
NgoLwesihlanu (Okthoba 5): Maritzburg United v Cape Town City (Harry Gwala Stadium, 8pm)