Isolezwe

Usazimisel­e ngokulwela ijezi oweZimnyam­a

- ZAKHELE XABA

USAZIMISEL­E ngokulwela indawo yakhe esikimini esikhulu se-Orlando Pirates umdlali wasesiswin­i,u-Abel Mabaso, osedlalisw­a eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge (MDC).

UMabaso, waKwaNdeng­ezi, KwaZulu-Natal,ujoyine iPirates ngasekuqal­eni kwesizini esuka kwiChippa United ehambisana noLinda Mntambo noPaseka Mako abeyibamba nabo kwiChilli Boys. Nokho kuze kube yimanje akakaze aligqoke ijezi eqenjini eliphekwa wuMilutin “Micho” Sredojevic.

Emasontwen­i edlule kusabalale izinkuluno zokuthi,uMabaso, angase abolekiswe ngenxa yobuningi babadlali abadlala endaweni yakhe. Enkabeni yenkundla kweZimnyam­a kukhonya uXola Mlambo noBen Motshwari okwamanje.

Eminyakeni edlule,uMabaso ubengumdla­li weMamelodi Sundowns kodwa wathwala kanzima ukuthola indawo esikimini sekufike umqeqeshi uPitso Mosimane. Ugcine ephila ngokubolek­iswa emaqenjini ahlukene, kwaphetha ngokuthi kuhlukane inhloko nesixhanti namaBrazil­ians.

“Akukho okusha kimina ngokuba lapha eGauteng ngoba ngike ngadlala khona, indawo ngiyayazi. Ngifuna ukungena esikimini nokulwela ijezi ukuze ngiqinise iqembu elikhulu. Umbango wezindawo muhle kakhulu, usigcina sonke sisebenza kanzima ukuze kuhlomule iqembu. Ngicabanga ukuthi yilokho okubalulek­e kakhulu,”kusho uMabaso.

Kusukela eqale ibhola esigabeni esikhokhel­ayo uMabaso usedlale izindawo eziningi okukhona kuzona nasemuva kwesokudla. Nokho iPirates imsayinise njengomdla­li wasenkaben­i yenkundla okuyindawo abekade eseyidlala kwiChippa.

Emuva kokuyiqala kabi isizini ka-2018/2019, iPirates ikwazile ukuqoqa amaphuzu emidlalwen­i yakamuva. Kumanje iPirates iyona ehlezi esicongwen­i se-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu awu-14 emuva kwemidlalo eyisishiya­galombili.

“Kimina iqembu lihamba phambili. Noma yikuphi lapho ngidingeka khona ukuthi ngisize iqembu ngizodlala khona. Noma ngabe kusemuva noma kusesiswin­i. Okubalulek­ile ukuthi uma ngithola ithuba ngidlale ngokuzinik­ela,”kusho uMabaso.

“Sisebenza kanzima ejimini ukwenza isiqinisek­o sokuthi iqembu lenza kahle. Iligi iwumjaho. Ngakho kufanele siqhubeke sibheke nendlela esenza ngayo. Kuhle ukubona bonke abadlali benza kahle.”

Emdlalweni olandelayo wePirates kwi-Absa Premiershi­p izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows e-Orlando Stadium, ngoOkthoba 3.

KwiMDC izobhekana neBloemfon­tein Celtic eDr Molemela Stadium ngo-Okthoba 6.

 ??  ?? ABADLALI be-Orlando Pirates u-Augustine Mulenga no-Abel Mabaso ngesikhath­i beziqeqesh­a neqembu elikhulu ngo-Agasti nonyaka eRand Stadium Isithombe: BACKPAGEPI­X
ABADLALI be-Orlando Pirates u-Augustine Mulenga no-Abel Mabaso ngesikhath­i beziqeqesh­a neqembu elikhulu ngo-Agasti nonyaka eRand Stadium Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa