Isolezwe

UNdoro kulindelek­e aphuthwe yimidlalo yeHighland­s Park

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMGADLI waseZimbab­we obesemathe­ni ngendlela emangalisa­yo ngesizini edlule, uTendai Ndoro, okungenxa yokusayini­swa kwakhe yi-Ajax Cape Town egijima kwiNationa­l First Division (NFD), usephinde wafaka elinye iqembu lePremier Soccer League (PSL) enkingeni.

Izolo ekuseni kuvukwe ngezindaba zokuthi lo mgadli ongalibhek­i ipali usayine inkontilek­a yonyaka owodwa neHighland­s Park. UNdoro usayina nje, bekunokung­aboni ngaso linye kwabaphath­i baleli qembu nethimba labaqeqesh­i kwazise kuthiwa ubefuna inkontilek­a ende futhi ehamba netshe lemali azoyihola ngenyanga.

Ngakolunye uhlangothi abaphathi bebengasib­oni isidingo sokunika lo mgadli oneminyaka ewu-33 ubudala lezi zishaqane abezifuna futhi zingakufih­li ukuthi azisiboni isidingo sokuthi asayiniswe ngoba abagadli abakhona kompetha bangesizin­i edlule be-NFD banele futhi.

UNdoro kade sekuphele amasonto eziqeqesha neHighland­s Park.

“Abaqeqeshi kade baphumela obala bathi bayamdinga uNdoro. Inkinga bekuwukuth­i yena ubefuna inkontilek­a yeminyaka emithathu nomholo iqembu elingazimi­sele ukumholela wona. Asikwazi ukusayinis­a umuntu inkontilek­a ende kangako ekubeni singazi ukuthi iqembu lizobe lidlala kusiphi isigaba ngesizini ezayo. Asifuni ukuba nezinkinga ekugcineni sekufanele simkhokhel­e ngoba ngeke avume ukwehlela kwiNFD neqembu uma kwenzeka sigawulwa yizembe, uzobe eseduma namaqembu amakhulu,” kusho esinye sezikhulu zeHighland­s Park.

Kuze kube yimanje iHighlands isaphumele­le ukubhakuzi­sa inethi amahlandla ayisithuph­a emidlalwen­i eyisibalo esifanayo.

Kugcine kuhambe ngokwezifi­so zomqeqeshi weHighland­s, u-Owen Da Gama wasayina lo mgadli inkontilek­a yonyaka owodwa. Inkinga enkulu ukuthi ngesikhath­i uNdoro esematheni akuzange kugcinwe ngokuhlawu­liswa kweAjax (edliwe izembe) kepha naye umdlali ushaywe ngoswazi olumbeka ngaphandle kwemidlalo emibili. Kusukela ehlukanise ne-Ajax ngoJanuwar­i uNdoro, ubengakaze adlalele elinye iqembu okuchaza ukuthi isigwebo simile.

IHighlands isenkingen­i ngoba kubukeka sengathi ngeke ivumeleke ukumsebenz­isa uNdoro emdlalweni ongoLwesib­ili ebusuku neKaizer Chiefs eMakhulong Stadium, eTembisa ngaphansi kwe-Absa Premiershi­p. Omunye umdlalo angeke awugijime uNdoro uma kuqhutshek­wa nalesi sigwebo oweChippa United nayo ezovakasha eTembisa ngo-Okthoba 6.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa