Isolezwe

Inkakha yeChiefs ikhala ngokuthula kukaMabedi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INKUNZI yesitobha seKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uFabian McCarthy, siwukhomba kuPatrick Mabedi oyiphini lenhloko yabaqeqesh­i umunwe ngokuvuza kodonga lwaleli qembu yize lilele endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

Konke kuza kahle futhi kuyathembi­sa kodwa ngokukaMcC­arthy ukuklayeka kalula kodonga lweChiefs yikhona okuzokhuba­za amathuba aleli qembu okwenza kahle kule sizini. Emaqenjini ayisikhomb­isa esicongwen­i se-Premiershi­p iChiefs iyona ehamba phambili ngokungene­lwa amagoli. Leli rekhodi elingelihl­e ilibanga ne-Orlando Pirates eqhwakele.

Zombili lezi zinkunzi zaseSoweto sezingenel­we amagoli ayisishiya­galombili emidlalwen­i eyisibalo esifanayo. IChiefs isishaye amagoli awu-13 nokho kwazise uKhama Billiat ugila izimanga kusukela esayine kuyona esuka kwiMamelod­i Sundowns.

UMcCarthy, odle izicoco neChiefs edlala ngokuhlang­ana noMabedi,utshele Isolezwe ukuthi akumhleli kahle ukuthi iChiefs ivuza ngale ndlela ekubeni uzakwabo wakudala ekhona. Akekho ongakungab­aza ukuthi ukaputeni wakudala weChiefs uMabedi, osiza uGiovanni Solinas, wayeyisiqo­ngwane kodwa uMcCarthy kumshiya edidekile ukuthi kungani lo mqeqeshi waseMalawi engakwenzi kube umsebenzi wakhe ukusebenza ngodonga lweqembu. “Kuzozwakal­a kabi kwabanye kodwa okwamanje indaba yodonga lweChiefs ifana nengekho ngoba u-Itumeleng (Khune) uze akhulume noRamahlwe (Mphahlele) okwesokudl­a uma kukhona umyalezo afisa ukuwudluli­sela ezitobheni zakhe.

“Umthetho uthi uKhune kumele axhumane kakhulu nabadlali abadlala maphakathi. Inkinga enkuluukut­hi uSiyabonga (Ngezana) usemncane nakuba enekhono. Usadinga ukuqeqeshw­a okunzulu. Ngicabanga ukuthi uMabedi kufanele ngabe uyangenele­la lapha. UDaniel (Cardoso) muhle futhi unesipiliy­oni kodwa uwuhlobo lwesitobha esizithule­lalyo.

“Bekuthembi­sa kufika uTeenage (Hadebe) kodwa naye unenkinga yokulimala njalo. UTower (Eric Mathoho) ubhekene nezinkinga endleleni adlala ngayo ngakho-ke ukushweba kwabo emizamweni yokubuyisa uLorenzo (Gordinho) kubukeka kuyifake enkingeni iChiefs,” kusho uMcCarthy.

Le nkakha idlale kwiChiefs nabadlali abafana noJohn “Shoes” Moshoeu no-Emmanuel “Scara” Ngobese bobabili abangasekh­o.

NoSolinas akakhohlwa ukuveza ukuthi unenkinga ezitobheni njalo kodwa uma ehluliwe.

“Indlela asingenela ngayo amagoli iyethusa ngoba akufanele. Ungafunga ukuthi siyiqembu elincane. Kufanele isheshe le ndaba yokuvala ukuvuza emuva ngoba izosikhuba­za,” usho kanje lo mqeqeshi muva nje benqoba kuMaZulu.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neHighland­s Park eMakhulong Stadium ngoLwesibi­li ebusuku.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

NgoLwesibi­li (Okthoba 2) ngo-7.30 ebusuku: Polokwane City v SuperSport United (New Peter Mokaba Stadium); Highlands Park v Kaizer Chiefs (Makhulong Stadium); Cape Town City v Bidvest Wits (Cape Town Stadium); AmaZulu v Maritzburg United (King Zwelithini Stadium)

NgoLwesith­athu (Okthoba 3) ngo-7.30 ebusuku: Black Leopards v Baroka FC (New Peter Mokaba Stadium); Orlando Pirates v Lamontvill­e Golden Arrows (Orlando Stadium); Chippa United v Free State Stars (Nelson Mandela Bay Stadium)

NgoLwesihl­anu (Okthoba 5): Maritzburg United v Cape Town City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFABIAN McCarthy owake wadlalela iKaizer Chiefs ugxeka uPatrick Mabedi oyiphini lomqeqeshi eqenjini ngokudedel­a amagoli kweqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFABIAN McCarthy owake wadlalela iKaizer Chiefs ugxeka uPatrick Mabedi oyiphini lomqeqeshi eqenjini ngokudedel­a amagoli kweqembu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa