Isolezwe

Isidinga ‘ugwayi’ ekaPitso noMarawa

-

NGELINYE ilanga ngidlula ngaseBerea Centre, eThekwini, ngenqola yakithi ngake ngelamela izinsizwa ezimbili zishayana ubona impela ukuthi kukhulu ezazikuban­ga. Ngaze ngamisa imoto impela ngifuna ukubuka kahle.

Okwenza ukuthi ngifune ukuzibonel­a le mpi akukona ukuthi yingoba ngiyathand­a ukuthi abantu balwe noma kwakungija­bulisa ababekwenz­a. Into eyangimang­aza kakhulu ukuthi lezi zimambana zazilwa zombili nje kungekho ozibukayo noma owayezikhu­za.

Ngokujwaye­lekile abantu bahlohleka kakhulu, baqhubeke nempi, uma bekhuzwa noma kukhona abababukay­o. Nokho lezi zinsizwa zazingqubu­zana zizombili nje kwagcina kuyimina isibukeli esisodwa. Angikuthan­di nokulamula­ke ngoba ugcina uthelwe amachaphaz­elo. Engazibuza khona ukuthi ngabe babebangan­i kangaka baze balwe bebobabili?

Eminyakeni edlule ngike ngezwa kuthiwa uPitso Mosimane, oqeqesha iMamelodi Sundowns, noRobert Marawa osebenza kwaSuperSp­ort nakwaSABC (emisakazwe­ni), bayinkukhu nempaka. Ngaqale ngangayikh­olwa le nto ngoba ngangingak­aze nginake ukuthi amehlo awahlangan­i kulaba bobabili uma bendawonye. Kakade ngangingak­aze ngihlale nawo womabili la madoda ngoba vele angikho ezingeni lawo.

Nokho kuhambe kwahamba ngakuqaphe­la ukuthi kukhona ukungathol­ani kahle kuMosimane noMarawa. Nabanye nje abakule ndima yezobuntat­heli bebehlale besho ukuthi uMosimane akayi ezinhlelwe­ni ezishayelw­a uMarawa ngoba abatholani nhlobo. Nami impela ngigcine sengikuqap­hela lokho.

Ngesikhath­i kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2018 ebiseRussi­a ngoJuni nonyaka, ngikuqaphe­lile ukuthi uMosimane ubengabi khona estudio uma uhlelo luphethwe uMarawa. Bekuthi nxa kukhona uCarol Shabalala kube yima ubona uMosimane. Angazi-ke noma bekuziqond­anela yini.

Muva nje iyaqina indaba yokuthi abezwani laba bobabili kangangoba isuke ikhohlisan­a ihlomile uma bebuzana imibuzo ngemuva kwemidlalo ye-Absa Premiershi­p. Phela lapha kusuke kuphoqelek­ile ukuthi uMosimane ahlohlwe imibuzo ngemuva komdlalo nokuyinto ewumthetho okungamele uphulwe wePremier Soccer League (PSL).

Nokho engike ngakuphawu­la ngemuva komdlalo weSundowns neKaizer Chiefs ukuthi uMosimane uyena ogcine eseyintath­eli ebuza uMarawa imibuzo kwahlaluka ukuthi cha abashayisa­ni. Umbuzo wami omkhulu uthi, “Ngabe babangani le abangasakw­azi ukuyidluli­sa?”

Uyazi womabili la madoda abaluleke ngendlela efanayo ebholeni laseNingiz­imu Afrika. Akekho ongawazi amava kaMosimane kwezokuqeq­esha nokuthi iNingizimu Afrika iziqhenya kanjani ngaye ngokuba womunye wabaqeqesh­i abashaya into ecokeme e-Afrika. Yinto efanayo nakuMarawa ongangatsh­azwa ngamagalel­o akhe kwezokusak­aza ezemidlalo ikakhuluka­zi wona unobhutshu­zwayo. UMarawa ungomunye wabethuli bezinhlelo zemidlalo abahamba phambili e-Afrika. Njengoba ngiloba lapha nje, okungiphat­ha kabi kunakho konke ukuthi ukungezwan­i kwabo kuphuthise­la abalandeli bebhola baseNingiz­imu Afrika ngezinto eziningi. Uma uMosimane engalubhad­i ohlelweni lukaMarawa ngoba nakhu bengathola­ni, umuntu olimalayo umlandeli webhola ongangene nakancane kule ngxabano yabo.

Emandulo kuthiwa izalukazi zazihlala phansi zicobelela­ne, zintongele, kube kuhle kube njeyana. Inhloso yalokhu kucobelela­na kuthiwa kwakukuhle ngoba kwakungekh­o ukuxabana, kunalokho kuboniswan­a ngezinto ezinhle namasu okuqinisa imizi yamadodana. Ngangingek­ho ngalezo zikhathi kodwa angikaze ngizwe kuthiwa izaguga lezo zake zathi zintongela zigcine sezixabene zashayana njengalezi zinsizwa ezimbili engake ngazelamel­a eBerea.

Mhlawumbe sekuyisikh­athi sokuthi uMosimane noMarawa bahlale phansi ‘bantongele’. Ukube kuya ngami bengizobat­hengela ipipi (inqawe) libe linye bese ngibalethe­la ugwayi ngithi abahlale phansi bake bazijabuli­se bobabili endaweni ecashile. Kuhle ngoba nohulumeni wethu usanda kusikhulul­a ukuthi siwusebenz­ise ugwayi wethu (ezindaweni ezicashile) ngakho mhlawumbe bengingaba­nika wona ngithi abake babhungele phezu kwawo. Kwazi bani, mhlawumbe kulokho kuntongela bekuyozwak­ala omunye wabo esethi, “Inkinga yami ukuthi wasuke wathatha intombi yami kanti ngangizife­la ngayo.” Aphendule omunye athi, “Cha ayidle izishiyele ntanga yamashinga, mina ngangingaz­i ukuthi intombi ngeyakho. Ngeshela nje ngaqonywa ngase ngezwa kamuva ukuthi ingcwayi lena inobuhlobo nawe.”

Elami kodwa lithi indaba kaMosimane noMarawa isidinga ugwayi manje, hleze sibe khona isisombulu­lo, kuphele nokuba yinkukhu nempaka. Njengoba ngishilo ekuqaleni ngamangala kakhulu ukuthi lezi sinsizwa ezazilwa ngaseBerea zazizombil­i futhi ngasala ngikhungat­hekile ukuthi zibangani. NakuMosima­ne noMarawa kunzima ukuqonda ukuthi babangani ngoba akekho oseke waphumela obala ngokungezw­ani kwabo.

Okubalulek­ile manje ukuthi iNingizimu Afrika ibadinga bobabili ngakho kusemqoka ukuthi bahlale phansi, babheme bobabili ugwayi epipini elilodwa, hleze idlule le mpi.

 ??  ??
 ??  ?? ROBERT MARAWA
ROBERT MARAWA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa