Isolezwe

Umbango weyokuqala kwiMTN 8

- LUNGILE MAJOKA

AKUNGATSHW­AZWA ukuthi uBenni McCarthy ubazi njengoba ezazi ubumnandi bokuba ngumpetha kodwa kufanele ukuthi awukho umzuzu ongagxiviz­a indawo yakhe emlandweni webhola laseNingiz­imu Afrika njengokunq­oba isicoco ewumqeqesh­i.

UMcCarthy okuwunyaka wesibili ewumqeqesh­i esigabeni esiphezulu, uphuthwe yileli thuba nyakenye ebuka iqembu lakhe iCape Town City lihlulwa yiSuperSpo­rt United kowamanqam­u weMTN 8.

Kusasa bazophinde­la enkundleni efanayo iMoses Mabhida, eThekwini lapho bebone amaphupho abo eshabalala i-United ibaguqisa ngo 4-2 kumaphenat­hi.

Nakuwona lo mdlalo oqala ngo-7 kusasa ebusukubaz­obe bebhekene nayo i-United.

UMcCarthy engumdlali unqobe inqwaba yezicoco, okubalwa ezeligi kuleli naphesheya kwezilwand­le, okukhona ngisho ese-Uefa Champions League.

Uyinqobile iMTN 8 esekwi-Orlando Pirates ngaphambi kokubeka amakhokho emgibeni ngo-2013.

Uma enqoba isicoco uzojoyina ikilasi labaqeqesh­i abakwi-Premiershi­p kuleli asebenezic­oco abagabe ngazo abazidle kwiPremier Soccer League.

“Anginayo ingcindezi yize kuzoba kungokwesi­bili siya kowamanqam­u futhi sagcina sihluliwe kodlule. Kodwa lapha esikhona yikhona ebesikuseb­enzela. Ngesikhath­i ngithatha umsebenzi ngasho ukuthi angifuni kungithath­e iminyaka eyishumi ukuthola isicoco,” ucashunwe esho kanje uMcCarthy yi-@IOLSport.

UKaitano Tembo opheka Amatsatsan­tsa naye uzingela isicoco sakhe sokuqala njengomqeq­eshi.

Yena unikezwe umsebenzi ngokugcwel­e ekuqaleni kwesizini ngemuva kweminyaka ebuka abaqeqeshi abeyiphini labo bewola izicoco naleli qembu lasePitoli.

“Kuwumuzwa omuhle (ukufinyele­la kowamanqam­u) kodwa okubalulek­ile kimina yiqembu nabadlali. Benze kahle kakhuluuma sibheka indlela esiqede ngayo ngesizini edlule sivika izembe ngemizuzu yokugcina,” kusho uTembo. Uthe kuzomele bayiqaphel­e iCity. “Bayiqembu eliqinile, elihleleki­le futhi elinejuban­e. Ozobe eqinile ngokwanele ngokomqond­o uzoba sethubeni lokunqoba umdlalo.”

Kubaqeqesh­i abenezicoc­o abayibamba esigabeni esiphezulu kuleli,uPitso Mosimane weMamelodi Sundowns uhamba phambili ngeziyisik­hombisa zakuleli,uma zingabalwa ezeCaf.

Isococo ashoda ngaso yiMTN 8 yize eseke wanqoba iSupa 8 neSuperSpo­rt United.

Umqeqeshi weBidvest Wits,uGavin Hunt unezicoco eziyisithu­pha.

Ozodla umhlangani­sa phakathi kukaMcCart­hy noTembo uzoba sendaweni eyodwa no-Eric Tinkler, Clinton Larsen noLuc Eymael abashaya ngesicoco ngasinye kwiPremier­ship.

UTinkler opheka iChippa United unqobe isicoco sokuqala neCity bedla iTelkom Knockout ngo-2016.

ULarsen ohola iLamontvil­le Golden Arrows uchonywe uphaphe neBloemfon­tein Celtic naye enqoba iTelkom Knockout ngo-2012. U-Eymael udle ubhedu neFree State Stars kwiNedbank Cup ngesizini edlule.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OYEDWA phakathi kukaKaitan­o Tembo weSuperSpo­rt United noBenni McCarthy weCape Town City uzowina indebe yakhe yokuqala njengomqeq­eshi. La maqembu azotholana kowamanqam­u weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, kusasa ngo-7 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X OYEDWA phakathi kukaKaitan­o Tembo weSuperSpo­rt United noBenni McCarthy weCape Town City uzowina indebe yakhe yokuqala njengomqeq­eshi. La maqembu azotholana kowamanqam­u weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, kusasa ngo-7 ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa