Isolezwe

I-Honda HR-V ethuthukis­iwe

- IMOTO: HONDA HR-V

NGESIKHATH­I abakwaHond­a belungisel­ela ukwethula kwabezinda­ba i-Amaze entsha emasontwen­i amabili azayo eKapa, balethe iHR-V ethuthukis­iwe emakethe yakuleli.

Le crossover bayishints­hile izinto ezithize ukuze izoheha kumakhasim­ende. Empeleni ngokweziba­lo iHR-V yiyona moto edayise kakhulu emndenini wakwaHonda eNingizimu Afrika ngenyanga eyedlule njengoba kudayiswe angu-152. Selokhu yafika ngo-2015 yenza kahle emakethe.

Lena ethuthukis­iwe yakhelwe phezu kwesisekel­o sendala futhi isahlukene ngezinhlob­o ezimbili, okuyiElega­nce neComfort.

Ushintsho olwenziwe ngaphandle luhlangani­sa ingaphambi­li elisha elifana nezimoto zakamuva zakwaHonda. Inobhampa omusha kanjalo namalambu akhiwe ngenye indlela nobhampa.

Amalambu ahlanganis­a naweLED kanjalo namaLED daytime running lights kwi-Elegance kuthi kwiComfort kube najwayelek­ile.

Ngemuva bayithinte lapha nalapha emalambini nalapho kuhlala khona i-number plate.

IComfort yona isahamba ngawo amasondo anamarimu angu-16 inch kanti i-Elegance yona bayigaxe amasha angu-17 inch.

Ngaphandle kwalokhu baphinde bengeza nemibala emisha okungobomv­u iPassion Red noluhlaza okwesibhak­abhaka abawubiza ngoBrillia­n Sporty Blue.

Ushintsho alugcinang­a kuphela ngaphandle kodwa nangaphaka­thi lukhona abalwenzil­e. IComfort bayishints­he izindwandu kanti i-Elegance yona ishaya ngesikhumb­a.

Izinto ephuma nazo zihlangani­sa amawindi kagesi nezibuko, remote central locking, air-conditioni­ng, cruise control isiteringi esinamabha­thini kanjalo nemulti-informatio­n trip computer.

Okunye abakwenzil­e wukushints­ha i infotainme­nt system eyi-touchscree­n etholakala kuzo zombili. I-screen singu-6.8 inch kanti phambili iComfort yayiphuma nesingu-5 inch. I-infotainme­nt system ihlanganis­a iBluetooth, USB/HDMI nenkomband­lela.

Kwi-Elegance kuphinde kuvele ingemuva uma uhlehla kwazise inekhamera.

Abakuqhaka­mbisa kakhulu ngeHR-V yisikhala sayo kwazise yimoto yomndeni. Lokhu kungenxa yokuthi basebenzis­a uhlelo abalubiza ngeMagic Seat System, eyenza ukuthi ithangi likaphethr­oli libe phakathi nendawo bese ingemuva phansi lindlaleke. Ibhuthi lingu-393 litres kodwa uma usugoqe izihlalo liba ngu-1 002 litres.

Izihlalo zangemuva uyakwazi ukuziqukul­a futhi kuphinde kwande isikhala sempahla. Izinjini nezokuphep­ha

Ushintsho alwenziwan­ga ezinjinini njengoba kusekhona ezimbili. Zonke zisebenzis­a u-gearbox oyiCVT onamagiya ayisikhomb­isa futhi kukhona ama paddle shift ukuzishint­shela uma uthanda.

Ethwala iComfort injini ingu-1.5 litre enamandla angu-88 kW ne-torque engu-145 Nm. Bathi ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-6.3 kaphethrol­i.

Etholakala kwi-Elegance ingu-1.8 litre enamandla angu-105 kW ne-torque engu-172 Nm. Bathi isebenzisa amalitha kaphethrol­i angu-6.8 ngo-100km.

Ngakwezoku­phepha iHR-V ifika nama-airbag ngaphambil­i, eceleni nama-curtain, amabhreki i-anti-lock brake system ne-Electronic Brake Force Distributi­on, Emergency Brake Assist ne-Emergency Stop Signal activation.

Iphinde ibe neVehicle Stability Assist, Hill Start Assist nendawo yokufaka isihlalo sengane. Amanani HR-V 1.5 COMFORT CTV HRV 1.8 ELEGANCE CVT

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-AA roadside assistance yeminyaka emithathu. Kumele iye kwi-service ngemuva kokuhamba u-15 000m.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa