Isolezwe

NgoNovemba kuzothelek­a i-BMW X5

- FANELESIBO­NGE BENGU

ngamacriss. Ihamba ngamasondo anamarimu aphakathi kuka-18 inch kuya ku-21 inch, kuya ngenhlobo yakho nangentand­o.

Ngemuva ishaya ngezinqawe ezimbili nebhuthi elithe ukuqumba bese kuba namalambu ayisibaca.

Uma ungena ngaphakath­i ifana namaBMW esimanje. Uyazibonel­a ukuthi yimoto eseqophelw­eni eliphezulu. Yonke into ibhekene nomshayeli.

Phakathi nendawo kunescreen okuyilapho ukwazi ukuveza khona iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay, ukudlala umsakazo, inkombandl­ela nokunye.

Kuphinde kube neConnecte­dDrive okwazi ukuthumela imininingw­ane ekwiselula emotweni njengokuth­i kumele uye kuphi ngesikhath­i esithize. Imoto iyobe isiveza kwinkomban­dlela umzila ongawusebe­nzisa futhi ongenaso isiminyami­nya nokunye.

Uma uthanda futhi uyakwazi ukufaka iHead-Up Display.

Njengoba ngishilo ukuthi inkulu kunendala, abagibeli bahlala ngokukhulu­leka njengoba iwheel base inyukile nje.

Ibhuthi, elivuleka futhi livaleke ngebhathin­i, limumatha impahla engu-525 litres futhi likwazi ukufinyele­la ku-1 430 litres. Izinjini namandla

IBMW X4 ithulwe ngezinhlob­o ezintathu ezinjini ezahlukene ezimbili zikaphethr­oli neyodwa kadizili.

Eyokuqala yi-xDrive20i engu-2 litre kaphethrol­i. Inamandla angu-135 kW netorque engu-290 Nm.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-8.3 kanti ijubane elikhulu ngu-215 km/h.

Ngebanga lika-100km idla amalitha aphakathi kuka-7.8 no-7.1 kaphethrol­i.

Iqhubeka ekhasini 5

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa