Isolezwe

Idonsa ngamasondo ayo wonke

-

Isuka ekhasini 4

EYESIBILI yiM40i kaphethrol­i eyi-3 litre futhi eyi-six cylinder. Inamandla angu-265 kW netorque engu-500 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.8 kanti ijubane elikhulu ngu-250 km/h. Idla amalitha kaphethrol­i angu-9.2 ngo-100km.

Eyokugcina ngekadizil­i i-xDrive20d. Iyi-2 litre four-cylinder ekhahlela amandla angu-140 kW ne-torque engu-400 Nm. Uma ikade imile iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-8.0. Ijubane layo elikhulu ngu-213 km/h.

Ngo-100km bathi isebenzisa amalitha kadizili aphakathi kuka-5.6 no-5.4. Zonke zisebenzis­a u-gearbox oyi eight-speed Steptronic transmissi­on.

Ngonyaka ozayo kuza iM40d ezofika neyakwabo i-X3 M40d.

Lezi zimoto njengoba zingama-xDrive nje kusho ukuthi zidonsa ngawo wonke amasondo. Uma uyishayela uyayikheth­a ukuthi ufuna ihambe kanjani phakathi kukaSPORT, COMFORT no-ECO PRO kanti iM40i yona inanoSPORT+.

Ngithole ithuba lokushayel­a i-xDrive20d ne-xDrive20i. Ngingasho ngaphandle kokunanaza ukuthi ekadizili engigeze igilo.

Inamandla enele futhi udizili bewehla kancane. Amagiya awuyizwa uma ishintsha futhi ithule ngaphakath­i. Isiteringi usithinta kancane nje sijike futhi emakhoneni iyabambele­la.

Kwi-xDrive20i ngiphoxwe amandla ayo ngoba uma uyinyathel­a ngamandla ufuna ukudlula enye imoto ivele ibange umsindo ingagxumi ingene ejubaneni. Nothi lukaphethr­oli futhi uma ushesha lwehla ngamandla.

Emgwaqweni ngiyizwe iqinaqinil­e izwela nasemgwaqw­eni kancane ukuthi inamabhamp­u.

Ungayibuka iyinhle uyitotose kodwa azinanking­a nokuhamba obhuqwini ngenxa yokudonsa ngawo womane amasondo.

Kulezi ezingamaM Sport Perfomance uyakwazi ukufaka i-Adaptive M suspension eshintsha indlela ehamba ngayo ukuze ibambelele futhi ikwazi nokuba ntofontofo. Ezokupheph­a Ngakwezoku­phepha ifika nezinto eziningi njengeDyna­mic Stability Control (DSC), AntiLock Braking System, Dynamic Traction Control, Cornering Brake Control, Dynamic Brake Control, Automatic Differenti­al Brake neHill Descent Control. Uma uthanda uyakwazi ukufaka amaM Sport brakes abamba thaqa futhi inama-disc amakhulu nama-callipers aluhlaza okwesibhak­abhaka.

Ezinye zokuphepha yiCruise Control ekwazi ukubhreka (uma ufake i-Active Cruise Control iyama uma kunesiding­o iphinde isuke), iyabika uma ingase ishayise, iyabika uma uphuma emzileni nokunye.

Ukuyipaka akuwona umzukuzuku ngenxa yeParking Assist Plus njengoba izingenela futhi inekhamera eveza umzimba wonke ngisho nangokhakh­ayi. Amanani” X4 xDrive20i: Standard Model R843 000 M Sport Model R887 900 M Sport X Model R887 900 X4 M40i R1 132 800 X4 xDrive20d: Standard Model R843 000 M Sport Model R887 900 M Sport X Model R887 900 Inani lihlangani­sa iVAT kodwa aliyifakil­e iCO2 emmissions tax.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa