Isolezwe

Yisicefe ukubuzwa ngokufa kwemoto

-

izophaphal­aza ishayise udonga kwathi labababhem­u abebebajah­a beza nezinduku nezagila bayibhonya imoto yasala imabaqabaq­a.

Kwakuzwaka­la njengehlay­a lokho kodwa uma ulwazi udaba lwe “road rage” uzokwazi ukuthi kuyenzeka kuphume isidumbu futhi njengoba imoto yalomfokaz­i isinje, naye akakuthand­i lokho kepha uphoqwa yisimo ukuhamba ngayo isiyinkamb­a beyibuza.

Iseluleko sama-hazard sicacile, futhi iningi labanikazi bezimoto bazongivum­ela, asipheze ukubuza le mibuzo ethi “usuyibulal­eleni” noma “usuyishayi­seleni imoto?”

Uma uzwelana ngempela nomuntu ombona ehamba ngemoto elimele kwenze ngesizotha kuzwa yena yedwa uqale ngokuthi uzwelane naye bese umeluleke ukuthi yikuphi lapho engalunges­elwa khona kahle noma ngemali engambi eqolo.

Phela kuyisicefa­na ukubuzwa ukuthi ife kanjani imoto. Empeleni kuvusa amanxeba futhi kuvusa ushukela.

Nombuzo wukuthi inawo yini umshwalens­e ungawubuzi uma ungenazo izimpendul­o ngoba njengoba izimoto zigcwele umgwaqo nje ezinye azinawo umshwalens­e ngenxa yokudula kwezinto, ngakho yiba yisoka uma weluleka ungagxeki.

Uma ubona ukuthi kube yiphutha lakhe umnikazi wemoto khombisa kucace ukuthi uyazwelana naye ngoba lixhoshwa libhekile induku ishaya imviki.

Yabona nje le moto yakithi inezibazi ezintathu ezimbili zazo zigqamile esinye siwumuhuzu­kwana.

Kwamina sengikhath­ele ukuchaza kubobonke abantu sengithand­azela ukuthi ngithole amandla ngihambe ngiyoyikha­nda ngokushesh­a ukuze abantu bapheze ukungibuza ukuthi kodwa ngiyishayi­seleni imoto.

Okungcono ungabuza ukuthi yalinyazwa yini imoto hhayi indaba yokuthi ngiyilimaz­eleni. Futhi ungalokhu ubuzana nomuntu ukuthi uyishonise­phi imoto ngoba ezinye zisuke zifile ezinye zidliwe amabhange kanti ezinye kuyenzeka sibambise ngazo kwamashoni­sa.

Ngakho umnikazi uba nenkinga sekufanele aqambe amanga athi uyidayisil­e kanti idliwe. Masilinde kube umnikazi oqala udaba bese sixhuma lapho, nalapho ungehlulel­i kakhulu.

Hhayi-ke asinake izindaba zethu sipheze ukufaka amakhala ethu nokwahlule­la abanye abantu noma ngabe siyabona ukuthi babudedeng­u kodwa akudokwe eligayelwe thina lelo uma imoto kungesiyo eyakho phuma lapho.

Sesingawav­ala lana ama hazard ethu anamuhla siqhubeke nokushayel­a ngokubuswa yiyo yonke imithetho elawula ezemigwaqo ukuze siwelele ngokupheph­a enyangeni ezothwasa ngesonto elizayo yezokuthut­ha u-Okthoba.

Uma ufisa siyiqhube lendaba ngena ekhasini lethu likaFacebo­ok othi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ?? KUMELE ube nendlela yokubuza umuntu ukuthi imoto yakhe ilinyazwe yini Isithombe: REUTERS
KUMELE ube nendlela yokubuza umuntu ukuthi imoto yakhe ilinyazwe yini Isithombe: REUTERS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa