Isolezwe

Isexwayiso ngobungozi bokubhema insangu kubashayel­i

- INTATHELI YEZEZIMOTO

NGESIKHATH­I lapho abanye bejabulela ukuthi iNkantolo yoMthethos­isekelo igunyaze ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika sebengayib­hema insangu emakhaya, kukhishwe isexwayiso sokuthi lokhu kungaba nobungozi kubashayel­i.

Isikhulu sakwaMaste­rDrive, u-Eugene Herbert, sithe elakuleli alinazo izimfanelo ezanele zokubhekan­a nokusetshe­nziswa kwensangu emgwaqweni.

Uthe ngonyaka odlule iCentral Drug Authority ithe ukusetshen­ziswa kwensangu kungasiphi­nda kabili isibalo sezingozi emgwaqweni yaseNingiz­imu Afrika.

“Indaba yase-US iveza ukuthi ngemuva kokuthi iWashingto­n yagunyaza ukusetshen­ziswa kwensangu ngo-2013, isibalo sabashayel­i abasezingo­zini okudlula kuzo umphefumul­o abasebenzi­sa insangu saphindaph­indeka kabili ngo2014.”

Uthe lokhu kusho ukuthi kubashayel­i abayisithu­pha ababa sengozini batholakal­a ukuthi babesebenz­ise insangu.

“Uma isidakamiz­wa siphazamis­a ukwahlulel­a kwakho, ukudlinza futhi nokushayel­a, singaba nobungozi ukushayela usisebenzi­sile njengotshw­ala.”

Uthe ngaphambi kokubhema insangu, nazi izizathu ezingakwen­za uyeke:

- Isikhathi owenza ngayo esimeni esithize siyancipha. Izidakamiz­wa zingenza ukhathale okungaze kudlulele nangakusas­a. Ukudlinza kwakho kunganciph­a.

- Ukushayela kwakho kungaba nodlame. Izidakamiz­wa zingenza uzethembe ngokweqile futhi uthathe izinqumo obungeke uzithathe

- Ungase uzizwe uphethe yisiyezi, ungaboni kahle futhi kuthi buyisa

- Yize kunzima ukuqinisek­isa ukuthi uzisebenzi­sile kodwa uma ubanjiwe ungaboshwa, uphucwe izincwadi zokushayel­a noma ujeziswe kanzima.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa