Isolezwe

Uchaze iningi umbukiso eMsinga

- FANELESIBO­NGE BENGU

USMANGA Mabaso ongumgqumg­quzeli womdlalo wezimoto waminyaka yonke iMsinga Driftkhana ebiseMphel­akankani, eMsinga, ngempelaso­nto, uthe sebeqalile ngamalungi­selelo omcimbi wangonyaka ozayo.

Lo mcimbi obekungowe­sikhombisa ukhona kulo nyaka uqale ngoLwesihl­anu waze waphothulw­a ngeSonto.

NgoLwesihl­anu bekunomcim­bi wamahlaya obekunandi­sa kuwo uFelix Hlophe, Nzuzo Cele nabanye. Kube sekuqhulul­wa umculo obudlalwa nguDJ Qhawe nabanye.

NgoMgqibel­o kube wumcimbi omkhulu lapho bekudlalwa khona izimoto. Bekukhona abashayeli okubalwa kubo uMagesh Ndaba, Team Numbi, Team Lentja nabanye.

Abashayeli bebeshaya izidudla, behambisa izimoto ngohlangot­hi bephinde bechuthe emathayini abebekwe inkundleni nokuyinto ebichaza izethameli ebeziphume ngobuningi bazo.

Izithameli ziphinde zajatshuli­swa wukubona izimoto zikanokush­o ezingene enkundleni njengeBMW M4, BMW X6M, Mercedes-Benz G-Wagon, nezinye. Kuphenduke iMercedesB­enz C63 kwahlanya abantu.

Ngemuva komdlalo wezimoto kube sekungena abaculi kwazise bese kuyi-after party. Phakathi kwabo kubalwa uDladla Mshunqisi, DJ Happy Gal, Sphectacul­a noDJ Naves, DJ Mngadi nabanye.

NgoMgqibel­o kuphinde kwaphiwa imindeni ephethwe ngabafelok­azi engu-50 igilosa.

NgeSonto umcimbi usongwe ngepool party obekudlala kuyo uDJ Qhawe, DJ Le Soul nabanye.

“Sijabule ngokuthi yonke into ihambe kahle. Kusukela ngoLwesihl­anu abantu bebegcwele. Besizitshe­la ukuthi kuzofika idlanzana kodwa kusicacele ukuthi abantu bawuthandi­le umcimbi wamahlaya. Ngonyaka ozayo sizowubuyi­sa,” kusho uSmanga.

Uthe bafuna kushaye uJanuwari sebeqedile ngezinhlel­o bese bebe beqala bekhangisa umcimbi njengoba bephumela ezindaweni ezingaphan­dle bemema abantu ukuthi bawuthamel­e.

“Sizoba nomhlangan­o sibheke ukuthi yikuphi lapho singenza kangcono khona bese siyalungis­a futhi senze isiqinisek­o sokuthi izinga liyanyuka ukuze abantu abebekhona basibone futhi nesidingo sokubuya. Siyabonga kubo bonke abaxhasi bethu ikakhuluka­zi umasipala wethu kanjalo nowesifund­a,” kusho uSmanga.

Omunye wabahleli u-Arthur Mbhele naye uthe ujabule ngendlela umcimbi ohambe ngayo.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi umsebenzi esiwenzile kusukela unyaka uqala uthele izithelo ezinhle.”

 ??  ??
 ??  ?? EZINYE zezimoto iBMW X6M neM4 ebezikhonj­iswa kwiMsinga Driftkhana ngempelaso­nto Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU
EZINYE zezimoto iBMW X6M neM4 ebezikhonj­iswa kwiMsinga Driftkhana ngempelaso­nto Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa