Imenenja isatshiswa ngokubulawa
ISIHAMBA ithuka izanya imenenja kaMasipala waseRichmond ngemuva kokuthola umyalezo oyisabisa ngokuthi izobulawa ovela kumuntu ongaziwa.
UNkk Bongiwe Mnikathi, obhekene nezinkinga kumasipala wakhe njengoba kukhona abamfuna ehambile emsebenzini, ngoLwesihlanu uthole iSMS ethi ngeke ushaye u-Okthoba 8 esadla anhlamvana uma engaphumi odabeni lwethenda yomgwaqo.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uNkk Mnikathi uthe usenovalo ngokuphepha kwakhe kulandela ukusatshiswa ngokuthi uzobulawa.
“Isizathu esenza ukuthi ngisabe wukuthi yabulawa imenenja engangena endaweni yayo kulo masipala okwakungeyakhona lapha endaweni. Angiboni ukuthi yini engabavimba ukuthi nami bangibulale,” kusho uNkk Mnikathi.
Uthe yize noma esatshiswa kodwa akayi ndawo.
“Ezokuphepha zona sengiziqinisile ngoba ngiyabona ukuthi ukuphepha akukho kahle njengoba kungekho ukusebenzisana okuhle emkhandlwini,” kusho uNkk Mnikathi.
Uthe lukhona uhlelo lokufakwa kwetiyela oluqhubekayo wengeza ngokuthi uyasola ukuthi ukusatshiswa kwakhe kusukela kwithenda yalo.
“Isigaba sesithathu lesi esenziwayo sohlelo lomgwaqo eSimozomeni. Lo msebenzi sawukhangisa phambilini kwasuka umsindo ngosuku lomhlangano wosonkontileka ababefaka izicelo kwaphoqeleka ukuthi umsebenzi siwukhangise kabusha. Ngesikhathi ngisamisiwe emsebenzini isikhulu ebesibambe endaweni yami siphinde sawukhangisa umsebenzi. Ngibe nemibuzo ngendaba yalo msebenzi, ngiyacabanga ukuthi ngisatshiselwa wona,” kusho uNkk Mnikathi.
Uthe akazange ahlale kahle emkhandlwini kusukela abuza nangethenda yezigidi yokufakwa kukagesi.
“Ngifike lapha ngathola ukuthi kunoR59 million owakhokhwa wethenda kagesi, nakumina yangena i-invoice ethi angikhokhe uR8 million wawo ugesi ngacela izeluleko zomthetho ngoba kukhona engangingakuboni kahle ngagcina ngingakhokhanga,” kusho uNkk Mnikathi.
USomlomo eMkhandlwini waseRichmond, uMnuz Samora Ndlovu, uthe bebengenalwazi ngokusatshiswa kukaNkk Mnikathi.
“Ngokokusebenza komkhandlu, imenenja njengesikhulu sikamasipala bekumele isibikele ukuze kwenziwe ucwaningo lwezokuphepha kubonakale ukuthi ngeke yini yaqiniselwa ezokuphepha kodwa ke ngiyajabula ngoba icala livuliwe,” kusho uNdlovu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe icala liphenywa yithimba lamaphoyisa elibheka amacala okubulawa kosopolitiki eliphethwe kuzwelonke.