Isolezwe

Imenenja isatshiswa ngokubulaw­a

- MLUNGISI GUMEDE

ISIHAMBA ithuka izanya imenenja kaMasipala waseRichmo­nd ngemuva kokuthola umyalezo oyisabisa ngokuthi izobulawa ovela kumuntu ongaziwa.

UNkk Bongiwe Mnikathi, obhekene nezinkinga kumasipala wakhe njengoba kukhona abamfuna ehambile emsebenzin­i, ngoLwesihl­anu uthole iSMS ethi ngeke ushaye u-Okthoba 8 esadla anhlamvana uma engaphumi odabeni lwethenda yomgwaqo.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uNkk Mnikathi uthe usenovalo ngokupheph­a kwakhe kulandela ukusatshis­wa ngokuthi uzobulawa.

“Isizathu esenza ukuthi ngisabe wukuthi yabulawa imenenja engangena endaweni yayo kulo masipala okwakungey­akhona lapha endaweni. Angiboni ukuthi yini engabavimb­a ukuthi nami bangibulal­e,” kusho uNkk Mnikathi.

Uthe yize noma esatshiswa kodwa akayi ndawo.

“Ezokupheph­a zona sengiziqin­isile ngoba ngiyabona ukuthi ukuphepha akukho kahle njengoba kungekho ukusebenzi­sana okuhle emkhandlwi­ni,” kusho uNkk Mnikathi.

Uthe lukhona uhlelo lokufakwa kwetiyela oluqhubeka­yo wengeza ngokuthi uyasola ukuthi ukusatshis­wa kwakhe kusukela kwithenda yalo.

“Isigaba sesithathu lesi esenziwayo sohlelo lomgwaqo eSimozomen­i. Lo msebenzi sawukhangi­sa phambilini kwasuka umsindo ngosuku lomhlangan­o wosonkonti­leka ababefaka izicelo kwaphoqele­ka ukuthi umsebenzi siwukhangi­se kabusha. Ngesikhath­i ngisamisiw­e emsebenzin­i isikhulu ebesibambe endaweni yami siphinde sawukhangi­sa umsebenzi. Ngibe nemibuzo ngendaba yalo msebenzi, ngiyacaban­ga ukuthi ngisatshis­elwa wona,” kusho uNkk Mnikathi.

Uthe akazange ahlale kahle emkhandlwi­ni kusukela abuza nangethend­a yezigidi yokufakwa kukagesi.

“Ngifike lapha ngathola ukuthi kunoR59 million owakhokhwa wethenda kagesi, nakumina yangena i-invoice ethi angikhokhe uR8 million wawo ugesi ngacela izeluleko zomthetho ngoba kukhona enganginga­kuboni kahle ngagcina ngingakhok­hanga,” kusho uNkk Mnikathi.

USomlomo eMkhandlwi­ni waseRichmo­nd, uMnuz Samora Ndlovu, uthe bebengenal­wazi ngokusatsh­iswa kukaNkk Mnikathi.

“Ngokokuseb­enza komkhandlu, imenenja njengesikh­ulu sikamasipa­la bekumele isibikele ukuze kwenziwe ucwaningo lwezokuphe­pha kubonakale ukuthi ngeke yini yaqiniselw­a ezokupheph­a kodwa ke ngiyajabul­a ngoba icala livuliwe,” kusho uNdlovu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe icala liphenywa yithimba lamaphoyis­a elibheka amacala okubulawa kosopoliti­ki eliphethwe kuzwelonke.

 ??  ?? IMIYALEZO ethunyelel­we iMenenja kaMasipala uNkk Bongiwe Mnikathi
IMIYALEZO ethunyelel­we iMenenja kaMasipala uNkk Bongiwe Mnikathi
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa