Isolezwe

Basazohlup­heka abagibeli bezitimela emzileni osenyakath­o

- PHILI MJOLI

BASAZOQHUB­EKA nokuhluphe­ka abagibeli bezitimela basogwini olusenyaka­tho njengoba izitimela zizoqhubek­a nokumiswa kulo mzila yize eminye imizila ivuliwe, namhlanje.

Kulo mzila ophela KwaDukuza ngeke zibuyele izitimela. AbakwaPass­enger Rail Agency South Africa (Prasa) bathi lo mzila awuphephil­e njengoba kuke kwaba nezigameko zokushaywa kwabashaye­li bezitimela uma kwenzekile zasilela emuva ngesikhath­i.

Ukuhamba kwezitimel­a bekumisiwe KwaZulu-Natal kulandela ukushiswa kwesiteshi sesitimela nezimoto zabasebenz­i eMlaza.

UMnuz Zwabesho Shange wohlaka lwabagibel­i besitimela iCommuters Voice, uthe abenelisek­ile ngesinyath­elo sePrasa.

“Emhlanganw­eni wangoLwesi­hlanu obudingida ngokupheph­a ezitimelen­i, uPrasa uthe lo mzila awuphephil­e. Kuyaxaka lokho ngoba lo mzila awukaze uvalwe kuthiwe kushaywa abashayeli bezitimela futhi awukho nombiko ocacile ochaza ngalezi zigameko. EMlaza lapho kade kushiswe khona isiteshi izitimela zizobuyela. Kuthiwa laba bagibeli abenze njani,” kusho uShange.

Uqhube wathi kwale ngisho echaza ngosizi oluzobheka­na nabafundi abasebenzi­sa isitimela.

“Sekubalwa izinsuku kuqalwe ukubhala izivivinyo zikamatric, iPrasa ayikubheke­leli lokhu. Aseneme ngesinqumo ngoba sethembele kuzo izitimela, amatekisi ayabiza,”

UMnuz Zama Nomnganga okhulumela iPrasa KwaZulu-Natal, uthe kuzokwenge­za onogada namaphoyis­a emizileni ezovulwa.

UMnuz Mluleki Mntungwa okhulumela uMnyango wezekuThut­ha KwaZulu-Natal, izolo uthe ithimba lomnyango nabakwaPra­sa bahlangene nomphakath­i KwaDukuza.

“Sifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi yonke imizila iphephile. Uma sekunesiqi­niseko sokuthi kuphephile, umzila uzovulwa. Okwamanje asikazi uzovulwa nini,” kusho uMnuz Mntungwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa