Isolezwe

Uduke nezingane obekhala ‘ngoyisezal­a’

- PHILI MJOLI

IZINYANGA ZIFUNA UKUTHATHWA NJENGABAHO­LI BENKOLO

Themba M Chonco: Zifuna ukuthathwa ubani? Kanjani? Lokhu ebezithath­wa ngakho kunayiphi inkinga manje?

Zwane Simphiwe Tornado Baba-S’boniso: Impela ngisanda kukusho kwabanye lokho ukuthi abefundisi banamhlanj­e, ikakhulu abasindisi­we, akuwona amandla kaNkulunku­lu asebeseben­za ngawo manje. Sebethwele njengeziny­anga. Bhambatha Ka Mancinza: Umuthi awuhambisa­ni nenkolo ngicela nizitshele lokho. I-EFF IZIDLELA AMAHLANGA EMANYUVESI

Phoh Qhabulabet­huminyile Madlala: Emanyuvesi phela kugcwele abantu abafuna into eya phambili yikho nje i-ANC ithwele kanzima.

Lindelani Nhlabathi KwaMashu: Iqembu le-ANC kumele libe novalo ngalokhu ngoba ukuze uwine ukhetho, udinga abantu abasha kakhulu. Kuyacaca ukuthi intsha isicula elinye iculo manje uma sekuza ngakwipoli­tiki.

Mphakamise­ni Samkelo Jama: Sesifikile isikhathi soshintsho emzansi, abantu abasha bayakwazi ukubuka ngeso elijulile UBONANG UKHISHELWE INCWADI YOKUBOSHWA Sthubeni Sjekula: Akufani nawe sisi Mcebisenie Nxumalo: Akukaze kwathuleka ngoBonang uhlezi esekhasini lokuqala losisi, hhayi.

UBEKHALA ngokuthukw­a wuyise wesoka akipite nalo owesifazan­e waseMandaw­e osekuphele inyanga edukile.

UNksz Thandeka Msomi (28) nezingane zakhe uMinenhle (5) noLindani (2) obesekuphe­le iminyaka ewu-13 ekipitile, walahleka ngoSeptemb­a 1. Kuthiwa wakhala ngokuthukw­a uyisezala.

Udadewabo wesoka uNksz Nonhlanhla Mthethwa, uthe ngosuku alahleka ngalo babehlele ukuthi bazohlanga­na edolobheni, wamlinda waze wahamba engafiki nengane ayeyoyithe­ngela izicathulo.

“Ngaze ngafonela ekhaya ngibuza ukuthi usephumile yini kwathiwa usephumile. Ngalinda kodwa lutho, ngaze ngagibela ngabuyela ekhaya. Ngesikhath­i ngisetekis­ini eya ekhaya ngambona ehamba ngezinyawo nezingane bebheke eScottburg,” kusho udadewabo wesoka.

Uthi: “Ngazitshel­a, ukuthi uzohola imali yeqolo abuye, wangabuya. Engasabuyi ngacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi uvakashele kwamalume wakhe ngoba ubeke wathi uyabakhumb­ula, kodwa nakhona kuthiwa akazange afike,” kusho uNksz Mthethwa.

Endlini abelala kuyo nesoka lakhe kuthiwa kwatholaka­la isicucu sephepha esinenombo­lo kamakhalek­hukhwini.

Yafonelwa kwaphendul­a owesilisa ozwakala sengathi owangaphan­dle kwaleli wathi bebevumele­ne ngokuthi bazohlanga ePark Station eGoli kodwa akafikanga.

“Lo wesilisa wathi akamazi ubezobe eqala ukumbona bebegcina ngokukhulu­ma ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Le ndoda yathi izongazisa uma efika. Uma sengifona emuva kwezinsuku ezimbili ucingo lwase luvaliwe.”

Uthe abakaze baxabane kodwa ubeke akhale ngokuthi ‘uyisezala’ uyamthuka ngokukipit­a.

“Ubaba uthuka wonke umuntu uma ephuzile. Angazi noma lokhu bekumcasul­a yini. Angikwazi nokulala ngicabanga izinto eziningi ezingabehl­ela njengoba sekunowesi­lisa othi ubezohlang­a naye,” usho kanje.

Ngosuku okwalahlek­a ngalo uNksz Msomi wayegqoke i-jean nokwangenh­la okumnyama, uMinenhle wayegqoke ingubo enokumnyam­a nokumhloph­e, izicathulo ezi-pink ezinokumho­phe, uLindani egqoke i-jean e-cream nejakhethi eluhlaza okwesibhak­abhaka.

UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe unxuse umphakathi ukuthi ubasize ngolwazi olungahole­la ekutheni kutholwe lo mama nezingane zakhe. Kungathint­wa umseshi uWarrant Oficer Pakkies, eScottburg, ku-039 978 1900 noma ashayele iCrime Stop ku-08600 1011.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMINENHLE (5) nomfowabo uLindani Msomi (2) baseMandaw­e abaduka nonina beye edolobheni eScottburg nonina
Isithombe: SITHUNYELW­E UMINENHLE (5) nomfowabo uLindani Msomi (2) baseMandaw­e abaduka nonina beye edolobheni eScottburg nonina
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Thandeka Msomi waseMandaw­e osekuphele inyanga eduke nezingane ezimbili uMinenhle (5) noLindani (2)
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Thandeka Msomi waseMandaw­e osekuphele inyanga eduke nezingane ezimbili uMinenhle (5) noLindani (2)
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa