Kubulawe abane abebesolwa ngokubhubhisa emphakathini
AMAPHOYISA athungatha ababulale abafana abathathu abaneminyaka engu-17 nendoda eneminyaka engu-24, okuthiwa bebesolwa ngokuba amaphara akhuthuza umphakathi waseZangomeni, kwaK eMlaza.
UTukelo Nkonka, Siyanda Ncube, Sphamandla Dlamini noSanele Khuzwayo kuthiwa badutshulwe behlezi emjondolo ophakathi kwezindawo zokucima ukoma, iThembo neMeat House.
Isolezwe lithole ukuthi bekukhalwa ngokuthi ababulewe bawuhlalise kabi umphakathi. Kukhona icala lokugwazwa komunye umfana endaweni okuthiwa bebesolwa ngokuthinteka kulona.
Ngesikhathi betholakala kulo mjondolo kuthiwa bekukhona amagobolondo ezinhlamvu ayisithupha, imimese emithathu nowodwa ngasemnyango womjondolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe amacala amane okubulala.
“Amaphoyisa aseBhekithemba athungatha ababulele ngemuva kokutholwa kwezidumbu zabantu ababili komunye umjondolo benamanxeba okudutshulwa emzimbeni.
“Ababili abebedubulekile baphuthunyiswe esibhedlela, omunye ushone efika esibhedlela omunye washona esalashwa. Imbangela yokuhlaselwa ayaziwa. Siyanxusa ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabathinteka kulesi sehlo ukuthi athinte amaphoyisa,” kusho uCaptain Gwala.
Uthe umphakathi ungafonela inombolo yamahhala yokubika ngobugebengu ethi: 08600 10111.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuba igama lalo ligodlwe lithe ababulewe bebesatshwa endaweni.
“Laba bekungabafana abancane kodwa bebedume ngokuthi babamba inkunzi futhi bayagwaza.
“Emjondolo ababulewe kuwona bekuthiwa kudliwa nezidakamizwa. Ngikhuluma nje kukhona umfana lapha endaweni owasinda kukubi bemgwaza kodwa bangaboshwa,” kusho ilungu lomphakathi.
Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yababulewe ukuba iphendule ngezinsolo ayizange iphumelele njengoba izinombolo zingazange zitholakale izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kuthintwa ikhansela lakule ndawo uNkk Melta Zuma lithe belingakabikelwa ngalesi sigameko, likhale kakhulu ngezinga lobugebengu kule ndawo lathi lizolandelela ukuze lithole ngokwenzekile.