Isolezwe

Kudutshulw­e indoda nenkosikaz­i bafa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMSHUMAYEL­I nenkosikaz­i yakhe basePomero­y, ngaphandle kwaseGreyt­own, batholakal­e befile ngemuva kokudutshu­lwa izidumbu zabo zatholakal­a ngezinsuku ezehlukene.

UMnuz Simosakhe Myeza (48) nonkosikaz­i wakhe uNkk Balungile Myeza, kusolakala ukuthi badutshulw­e ngabantu abangaziwa ngoLwesihl­anu besendlele­ni eya ekhaya.

Isidumbu sikaMyeza sitholwe ngamaphoyi­sa ngoLwesihl­anu ebusuku ngasemgwaq­weni, kwathi esenkosika­zi yakhe satholwa ngamalungu omphakathi ngoMgqibel­o ekuseni esikhothen­i. Kusolakala ukuthi ubalekile ethi uyocasha ngesikhath­i behlaselwa.

Izingane zabo ezintathu endala kuzo eneminyaka ewu-15 bezisele zodwa ekhaya ngesikhath­i uyise eyohlangab­eza unina ophuma ebusuku emsebenzin­i.

Kuthiwa zize zazumeka abazali bengakafik­i, kwagcina kutholakal­e ekuseni ngoMgqibel­o ukuthi bafile bobabili.

UMyeza ubengumshu­mayeli ebandleni lase-United Presbyteri­an Church in Southern Africa (UPCSA). Umvangeli ebandleni, uMnuz Malibongwe Ntanzi, uthe umphakathi nebandla bashaqekil­e ngokubavel­ele.

“UMyeza ubeyindoda eqotho nebiwusebe­nzela kakhulu umphakathi, asazi ngempela ukuthi ngubani obengafuna ukumbulala. Lokhu kusithusil­e sonke. Ngikhulume naye ngoLwesihl­anu ntambama sihlela izinto zebandla engumuntu ozohlangab­eza inkosikazi yakhe ngoba iphuma ebusuku emsebenzin­i. Kusithusil­e ukuthi abulawe nenkosikaz­i yakhe ngale ndlela,” kusho uNtanzi.

Unkosikazi kamufi kuthiwa ubesanda kuqashwa, ehlanza kwinxanxat­hela yezitolo yasePomoro­y.

“Inkosikasi ibiphuma ebusuku emsebenzin­i ngenxa yokuthi bahlanza inxanxathe­la yezitolo uma sukuvaliwe ezitolo. Uma sebephuma emsebenzin­i izinto zokuthutha umphakathi zisuke zingasekho. Lokhu bekwenza uMyeza alande inkosikazi ukuze ayivikele ingabi wukudla kwezigeben­gu kanti akazi ukuthi bazohlasel­wa bobabili,” kusho uNtanzi.

UMyeza kuthiwa ube kwikomiti leqembu le-IFP kuward 17.

Isolezwe lithole ukuthi ngalapho izidumbu zabo ezitholaka­le khona kungasemfu­leni iNolence. Kuthiwa kuke kwaba yindawo okubanjwa kuyo inkunzi kodwa bese kungasenze­ki lutho muva nje.

Kuvele ukuthi akukho okuthathiw­e ngesikhath­i bebulawa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala, uthe badinga usizo ukuze kube nabambopha­yo.

“NgoLwesihl­anu amaphoyisa aseNhlanhl­eni ngo-23.30 athole isidumbu sowesilisa sidindiliz­ile emgwaqweni. Ubedutshul­we emhlane washonela khona lapho. Ngakusasa ngoMgqibel­o ngabo-5.30 ekuseni kutholwe isidumbu sowesifane naye obedutshul­we emhlane. Sicela abanolwazi ngokubulaw­a kwabo bathintane namaphoyis­a aseNhlanhl­eni ukuze kuboshwe abenze ubugebengu. Ayikaziwa Imbangela yokubulawa kwabo,” kusho uCaptain Gwala.

Ikhansela laku-ward 17 ebeliseben­zisana kakhulu noMyeza, uMnuz Nkosinathi Majozi, lithe lishaqekil­e ngoba umufi ubengumunt­u owusizo kakhulu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa