Isolezwe

IDA iphakamisa ukuthi isakazwe ikhomishin­i

- BONISWA MOHALE

IDEMOCRATI­C Alliance (DA) ithi iSABC kufanele isakaze iKhomishin­i yeJaji uRaymond Zondo ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

UNksz Natasha Mazzone, okhulumela iDA odabeni lokulawulw­a kombuso yidlanzana, uthe ubhalele uSihlalo weBhodi yeSABC uDkt Bongumusa Makhathini emcela ukuthi iKhomishin­i kaZondo isakazwe bukhoma yiziteshi zethelevis­hini nezomsakaz­o zale nhlangano.

“Abantu baseNingiz­imu Afrika abangakwaz­i ukukhokhel­a iziteshi zethelevis­hini nabengenay­o idata yokungena kwi-internet bathola imininingw­ane emincane ngeKhomish­ini kaZondo. Kubaluleki­le ukuthi abantu bazibonele ubufakazi obethulwa kwiKhomish­ini kaZondo ukuze baqonde inkinga yokulawulw­a kombuso yidlanzana,” kusho uNksz Mazzone.

Uthe kubuhlungu ukuthi abantu bafunda imibiko efingqiwe emaphephan­dabeni ngekhomish­ini noma babone iziqeshana zayo uma kudlala izindaba kuthelevis­hini.

“Kubaluleki­le ukuthi umphakathi unikwe yonke imininingw­ane ethinta uhulumeni esiteshini sokusakaza sikahulume­ni njengeSABC. Emasontwen­i azayo kuzofakaza ongqongqos­he okubalwa kubo oMnuz Nhlanhla Nene, Pravin Gordhan noNkk Barbara Hogan. Abantu baseNingiz­imu Afrika kufanele bazizwele ngezabo lobu bufakazi,” kusho uNksz Mazzone.

Uthe iSABC kufanele ikhombise ukuthi kungani abantu kufanele bakhokhele amalayisen­si ethelevish­ini ngokubalet­hela iKhomishin­i kaZondo ngoba ukuxhashaz­wa kwemali kuthinta wonke umuntu.

Imizamo yokuthola abakwaSABC ukuthi baphawule ayiphumele­langa njengoba uNkk Neo Momodu obhekelele ezokuxhuma­na kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engayiphen­duli imibuzo athunyelel­we yona nge-sms nakwi-email.

 ?? Isithombe: ANTOINE DE RAS ?? IDA ifuna iKhomishin­i kaJaji Raymond Zondo isakazwe eziteshini zethelevis­hini nezomsakaz­o zakwaSABC
Isithombe: ANTOINE DE RAS IDA ifuna iKhomishin­i kaJaji Raymond Zondo isakazwe eziteshini zethelevis­hini nezomsakaz­o zakwaSABC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa