UMakwetu uthole ukuthi iNSFAS ayiyenzanga imizamo yokonga imali
UMCWANINGI mabhuku jikelele uMnuz Kimi Makwetu uthole ukuthi iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ayizange yenze izinhlelo zokuvimba ukumosheka kwemali ngokomthetho wePublic Finance Management.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iNSFAS ikhokhela abafundi imali eyengeziwe ewuR503.34 million yize izivumelwano ezisayinwe nabafundi zingavumi ukuthi ikhokhe le mali.
Ngesonto eledlule iNSFAS iveze ukuthi imoshe uR303.547 million ngonyaka wezimali ka-2017/18. Yonke le mali imoshwe ngesikhathi uMnuz Sizwe Nxasana esenguSihlalo weBhodi leNSFAS.
UNxasana owafika kwaNSFAS ngo-Agasti ka-2015 usule ngo-Agasti nonyaka. INSFAS ithole umbiko wezimali kumcwaningi mabhuku jikelele omubi isuka embikweni omuhle onemibandela ngonyaka wezimali odlule.
UMakwetu uthe akabutholanga ubufakazi obeseka ukuthi iNSFAS ikweletwa uR10.31 billion ngabafundi.
“Angibutholanga ubufakazi bokuthi abafundi bahlomula kanjani. Abukho ubufakazi obukhombisa ukuthi kwenziwe imizamo yokulwa nokumoshwa kwemali njengoba kudingeka kwiPublic Finance Management Act,” kusho uMakwetu.
Uthe ubuholi beNSFAS abuyiqaphile ngeso lokhozi imali futhi akusetshenzwa ngendlela efanele. “Abaphathi abanayo imibiko yokusebenza kwemali, abanayo indlela yokugcina ubufakazi esiza ukuthi sibone ukuthi bayiphethe kanjani imali,” kusho uMakwetu.
Isikhulu esiphezulu seNSFAS esisamisiwe uMnuz Steven Zwane sikuqinisekisile ukuthi kunemali emoshekile kodwa sathi kunezingqinamba akade bebhekene nazo eziholele kulokhu. Uthe bathumela imali edingekayo kumanyuvesi kodwa inkinga wukuthi abazange babhale kabusha izinkontileka zika-2017 ukuze zikhombise indlela yokukhokha entsha.