Isolezwe

Kuboshwe obesonqenq­emeni eMabhida

- BONISWA MOHALE

KUBOSHWE indoda eyodwa ebingafuni ukwehla onqenqemen­i oluhlukani­sa inkundla yebhola nendawo yokuhlala abantu eMoses Mabhida Stadium.

Lesi sigameko senzeke ngoMgqibel­o ebusuku ngesikhath­i kuqhubeka umdlalo wamanqamu weMTN8 onqotshwe yiCape Town City ehlule iSuper Sport United.

Umphathi weMoses Mabhida Stadium, uMnuz Vusi Mazibuko, uthe bawu-30 000 abantu abathamele ifayineli yeMTN8 futhi lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi bayindawo ekahle yokwenza imicimbi emikhulu.

Ubuzile ukuthi kuzo zonke izinto ebezenzeka izolo kungani Isolezwe ligxile ekuboshwen­i kwalo mlisa ngoba abantu bebethokoz­ela ukubuka ibhola enkundleni yemidlalo esezingeni eliphezulu.

Uthe indoda ithathe indwangu ebimboze izihlalo yazungeza unqenqema oluhlukani­sa inkundla nendawo yokuhlala abantu.

“Umuntu akaboshelw­anga ukungena enkundleni kodwa ubengakhuz­eki ngesikhath­i amaphoyisa emcela ukuthi akehle kulolu donga. Abantu akade ehamba nabo bawalaleli­le amaphoyisa yena uqhubekile wase eboshwa. Udedelwe ngesixwayi­so,” kusho uMazibuko.

Uthe bebevele belindele abantu abaningi eMoses Mabhida Stadium ngenxa yokuthi nangonyaka odlule ngesikhath­i kunomdlalo wamanqamu weMTN8 kwakufike abantu abawu-21 000.

“I-PSL izokuthola kunzima ukuyisa imidlalo emikhulu kwezinye izinkundla ngoba kuyacaca ukuthi siyakwazi ukuphatha yonke imicimbi. Siyilungel­e yonke imicimbi abantu abafisa ukuyenza eMoses Mabhida Stadium ngisho nayo ekamaskand­i futhi ngiyathemb­a abathandi balo mculo babonile ukuthi silungele yonke imicimbi,” kusho uMazibuko.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi baphume ngobuningi babo noma kudlala amaqembu aKwaZuluNa­tal kwazise bebephumil­e kudlala iqembu lasePitoli nelaseCape Town.

“Umdlalo wayizolo usikhombis­ile ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayalithan­da ibhola, siyacela baphume ngobuningi babo uma kudlala amaqembu azinze esifundazw­eni sethu ngoba lokhu kuyasiza ekuthuthuk­iseni umnotho nasekuhehe­ni eminye imicimbi emikhulu ukuba ize eThekwini,” kusho uMazibuko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa