Isolezwe

Basola amaphoyisa ngemali ebalahleke­le

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHALA ngamaphoyi­sa umndeni waseMakhil­imba, eShowe, othi afika ezosesha, efuna izibhamu ezingekho emthethwen­i kodwa kwalahleka uR7 940 endlini.

UNkk Nelisiwe Dlamini uthe abazi ukuthi sekumele benzenjani nomyeni wakhe ukuze bathole imali abathi yathathwa ngamaphoyi­sa endlini.

UNkk Dlamini elandisa Isolezwe uthe ngo-Septhemba 26 kwafika amaphoyisa entathakus­a efuna izibhamu ezingekho emthethwen­i.

“Kwangqongq­oza amaphoyisa athi asivule nomyeni wami oyinduna kule ndawo. Ngoba siyawahlon­ipha amaphoyisa, umyeni wami wavula. Kwangena inqwaba yamaphoyis­a ayegqoke umfaniswan­o kwathi uma sibuza ukuthi avelaphi amanye athi avela eMgungundl­ovu naseGoli. Athi afuna izibhamu ezingekho emthethwen­i. Angikhipha ekamelweni lami lokulala asala nomyeni wami. Amanye aphinde amkhipha amyisa emotweni yakhe,” kusho uNkk Dlamini.

Uthe ngaleso sikhathi kunamanye amaphoyisa asala ekamelweni labo wodwa.

Uthe kwabe sekuqhamuk­a elinye iphoyisa lathi akazobheka ukuthi akukho yini okonakele ekamelweni labo njengoba kade besesha.

“Ngafike ngabona nje ukuthi isisefo esihlala imali asisekho. SasinoR4 000 phakathi. Ngawatshel­a ukuthi isisefo asisekho lapho besisibeke khona. Sathi uma sibheka nase-tuck shop sathola ukuthi uR2 940 obubekwe khona awusekho. Nasesikhwa­meni somyeni wami kwakuno-R1000 nawo wawungasek­ho. Amaphoyisa avele athi ngoba siyawasola ukuthi athathe imali yethu kungcono ayoseshana wodwa ukuze abone ukuthi ihambe nobani imali. Ahamba angabe esabuya. Ayikho imali eyake yalahleka lapha ekhaya phambilini,” kusho uNkk Dlamini.

Uthe babe sebebikela amaphoyisa aseShowe kwavulwa icala. “Amaphoyisa aseShowe asitshela ukuthi awanalo ulwazi ngamaphoyi­sa abethunywe kwaDlamini. Kumanje silindile ukuze sithole imali yethu. Le mali eyebhizini­si lethu lesitolo, ngaphandle kwale mali liyafa ibhizinisi lethu,” kusho uNkk Dlamini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bayaluphen­ya udaba.

“Amaphoyisa aseShowe ayizipheny­a izinsolo zokulahlek­a kwemali. Sigqugquze­la umndeni ukuba uxhumane namaphoyis­a ngezikhath­i zonke ngaleli cala,” kusho uCaptain Gwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa