Isolezwe

Izinhlelo zesikhulu esisha sepaki iSimangali­so

- INTATHELI YESOLEZWE

SIZOSEBENZ­ISANA nemiphakat­hi eyakhele iSimangali­so Wetland Park isikhulu esisha sale ndawo yezemvelo, uMnuz Sibusiso Bukhosini.

Phambilini iSimangali­so besiphethw­e nguMnuz Andrew Zaloumis obesesipha­the iminyaka ewu-20 oshiye ngonyaka odlule.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba izolo, uBukhosini uthe unohlelo lokuvikela imvelo kodwa kube kuthuthuki­swa umnotho kufakwe zonke izinhlaka kuwo.

“Ngiyaliqon­da iqhaza lemvelo ekuthuthuk­isweni komnotho kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele ihlukunyez­we ngenxa yentuthuko. Kufanele ukukhula komnotho kuvulele wonke umuntu amathuba, imvelo kufanele ithuthukis­e umnotho nezokuvaka­sha. Sizosebenz­isana nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuqinisek­isa ukuthi ipaki igqugquzel­a intuthuko,” kusho uBukhosini.

Uthe bazoqinise­kisa ukuthi bahlonipha iqhaza likaNgqong­qoshe wezeMvelo ongasekho uDkt Edna Molewa obefuna ukuthi ezemvelo zisetshenz­iselwe ukuthuthuk­isa umnotho nokuletha impilo engcono kubantu.

UBukhosini uzakhele udumo ethola imibiko emihle yomcwaning­i mabhuku jikelele eseyiMenen­ja kaMasipala waseMkhany­akude naKwaMhlab­uyalinyana.

Uneziqu zeMasters kwiEnviron­ment and Developmen­t: Protected Area Management nezinye iziqu.

Useke wasebenza ohlelweni lokubuyisw­a kwezindawo zombuso ezivikelek­ile ngesikhath­i esebenza kwaLand Affairs.

Uke waphatha kwezeMvelo KZN Wildlife iminyaka eyisishiya­galolunye.

Isitatimen­de seSimangal­iso sithe amava kaBukhosin­i enza umfanele umsebenzi wokuphatha ipaki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa