Injabulo ethola indlu yomxhaso
USWELE amaphiko okundiza owesilisa osekhulile waseTete, KwaDukuza, ngenxa yenjabulo ngemuva kokunikwa indlu yomxhaso egcwele impahla waphinde waphiwa nokudla.
UMnuz Mdoda Mthiyane (79) uthe ubesebona ukuthi uzomuka nezikhukhula endlini abehleli kuyo ngaphambi kokuthi angene endlini entsha.
“Bese kusele usuku lokuthi izikhukhula zihambe nami ngoba indlu ebengihleli kuyo ibingahamba noma inini uma kufika izikhukhula ezinkulu,” kusho uMthiyane.
Uthe noma usengafa manje usezophumula ngokuthula azi ukuthi ushiye unkosikazi wakhe endlini ephilayo.
UMthiyane ungomunye wabantu abangu-86 abanikwe izindlu ezintsha zomxhaso eTete, ngoLwesihlanu.
Zingu-1 480 sezizonke izindlu zomxhaso ezizokwakhiwa kule ndawo okulindeleke ukuthi kuhlomule abantu abangaphezu kuka-6 000 njengoba esikhathini esiningi emzini ngamunye kuhlala abantu abangaphezu kwabane.
Umphakathi wakule ndawo kade wawukhala ngezindlu waze wabamba imibhikisho enodlame ngoba ufuna ukuthi ulalelwe iziphathimandla.
Kuthiwa ngelinye ilanga wavalela izikhulu ekhoneni ubuza ukuthi izindlu uzithola nini.
Kulezi zindlu ezakhiwa kule ndawo kuhlala izinhlanga ezahlukene njengoba abamnyama behlala namaNdiya.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ubonge umphakathi wakule ndawo ngokubekezela njengoba izindlu zigcine zakhiwe ngemuva kweminyaka emihlanu.
“Kade abantu bakule ndawo bazilinda izindlu, cishe iphelile iminyaka emihlanu ngoba phela uma kuzokwakhiwa kunezinto ezilandelwayo njengokuthengwa komhlaba nokunye ngaphambi kokuthi kwakhiwe,” kusho uPillay.
Uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esifundazweni luhamba kahle kakhulu, wengeza ngokuthi iKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esihamba phambili kuleli ezinhlelweni zokwakhiwa kwezindlu.