Isolezwe

Injabulo ethola indlu yomxhaso

- MLUNGISI GUMEDE

USWELE amaphiko okundiza owesilisa osekhulile waseTete, KwaDukuza, ngenxa yenjabulo ngemuva kokunikwa indlu yomxhaso egcwele impahla waphinde waphiwa nokudla.

UMnuz Mdoda Mthiyane (79) uthe ubesebona ukuthi uzomuka nezikhukhu­la endlini abehleli kuyo ngaphambi kokuthi angene endlini entsha.

“Bese kusele usuku lokuthi izikhukhul­a zihambe nami ngoba indlu ebengihlel­i kuyo ibingahamb­a noma inini uma kufika izikhukhul­a ezinkulu,” kusho uMthiyane.

Uthe noma usengafa manje usezophumu­la ngokuthula azi ukuthi ushiye unkosikazi wakhe endlini ephilayo.

UMthiyane ungomunye wabantu abangu-86 abanikwe izindlu ezintsha zomxhaso eTete, ngoLwesihl­anu.

Zingu-1 480 sezizonke izindlu zomxhaso ezizokwakh­iwa kule ndawo okulindele­ke ukuthi kuhlomule abantu abangaphez­u kuka-6 000 njengoba esikhathin­i esiningi emzini ngamunye kuhlala abantu abangaphez­u kwabane.

Umphakathi wakule ndawo kade wawukhala ngezindlu waze wabamba imibhikish­o enodlame ngoba ufuna ukuthi ulalelwe iziphathim­andla.

Kuthiwa ngelinye ilanga wavalela izikhulu ekhoneni ubuza ukuthi izindlu uzithola nini.

Kulezi zindlu ezakhiwa kule ndawo kuhlala izinhlanga ezahlukene njengoba abamnyama behlala namaNdiya.

UNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ubonge umphakathi wakule ndawo ngokubekez­ela njengoba izindlu zigcine zakhiwe ngemuva kweminyaka emihlanu.

“Kade abantu bakule ndawo bazilinda izindlu, cishe iphelile iminyaka emihlanu ngoba phela uma kuzokwakhi­wa kunezinto ezilandelw­ayo njengokuth­engwa komhlaba nokunye ngaphambi kokuthi kwakhiwe,” kusho uPillay.

Uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esifundazw­eni luhamba kahle kakhulu, wengeza ngokuthi iKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esihamba phambili kuleli ezinhlelwe­ni zokwakhiwa kwezindlu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa