Isolezwe

UZikalala ukhuthaze abasiki bengqephu kwi-AFX

- NONTUTHUKO NGUBANE

“UZOYITHOLA kanjani uhleli ekhoneni.”

Lawa ngamagama uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ayale ngawo abasiki bengqephu bakuleli emcimbini i-Africa Fashion Exchange (AFX) obuseGreyv­ille kusukela ngoLwesine waphothulw­a ngoMgqibel­o.

UZikalala, obekhuluma ngoLwesine ebusuku, uthe kumele kuphele ukusonga izandla kubasiki bengqephu ekubeni benethalen­te.

“Kumele kube yithina esisukumel­a phezulu uma kuvela amathuba anjengalaw­a okukhangis­a. Kumele kube abasiki bengqephu bakuleli abathungel­a abantu bakuleli, baphume bathungele nabanye baseAfrika nakwamanye amazwe. Uma singasukum­i, sihlale silinde ukuba siqashwe njengabath­ungi nabasiki bengqephu, kuyobe siyaziliba­zisa. Kumele usukume ukhombise ithalente lakho njengoba benza nje abasiki bengqephu abakhombis­a izimpahla zabo,” kusho uZikalala.

Kubasiki bengqephu abebekhomb­isa ngezimpahl­a zabo bekukhona noMnuz Ndumiso Madonsela weBeez Couture waKwaHlabi­sa kodwa osehlala eThekwini ngenxa yomsebenzi.

UMadonsela uthe ubengeyena umuntu ojwayele ukuthunga imisiko yase-Afrika esebenzisa nendwangu yase-Afrika kodwa ukuba kwi-AFX kukushints­hile lokho.

“Kungijabul­ise kakhulu ukuthunga imisiko yaseAfrika. Bengingeye­na umuntu ojwayele ukuthunga izimpahla okusetshen­ziswa kuzo izindwangu zase-Afrika negqugquze­lwe usikompilo lwalapha e-Afrika. Kweminye imisiko yami ngisebenzi­se indwangu enesithomb­e sebhubesi nokwenze umsiko wami waba nomehluko,” kusho uMadonsela.

Uthe ithuba elifana naleli liyabathut­hukisa njengabasi­ki bengqephu ngoba bayakwazi ukubona ukuthi yiziphi izimpahla ezihamba phambili kwamanye amazwe aseAfrika.

Bekukhona nabathungi abasafufus­a, abafundi, nabanolwaz­i ngefeshini becobelela­na ngolwazi nabathungi ngokuthi yini abangayenz­a ukuze izimpahla zabo zifike ezingeni lomhlaba.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UYALE abasiki bengqephu wathi mabazimise­le uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala
Isithombe: SITHUNYELW­E UYALE abasiki bengqephu wathi mabazimise­le uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa