Isolezwe

Kuklonyeli­swe amasosha eminyaka

- PHILI MJOLI

UKUTHOLA indondo embuthweni wamasosha kusho ukuthi usudlule ebunzimeni obuhambisa­na nomsebenzi wokuzinike­la.

Lokhu kushiwo uCaptain Zile Mkhize osophikwen­i lwezempilo olungaphan­si kombutho wezokuvike­la kuleli, iSouth African Military Health Service, othole indondo yokuthi usebe yisosha iminyaka engu30, emcimbini wokubongwa kwamasosha angu-94, athole izindondo zokuba sembuthwen­i wezokuvike­la iSouth African National Defence Force, iminyaka engu-30 kuya kwengu 40, obuseThekw­ini, ngoLwesihl­anu.

UCapt Mkhize usebenza kwiArea Military Health KwaZuluNat­al, eBluff kanti uthe uma uyisosha ezinye zezifungo zakho zisuke zithi uyolivikel­a izwe lakho noma ngabe lokho kusho ukuthi uyolahleke­lwa yimpilo yakho.

“Kuningi okwenzekil­e njengoba sengikules­i sigaba kuhlangani­sa nokubona ozakwethu besala enkundleni bevikela izwe.

“Angikaze ngifise ukusebenza omunye umsebenzi ngaphandle kokuba yisosha eligxile emkhakheni wezempilo. Kulo mkhakha sihlenga abanye ozakwethu, umphakathi nezinhloko zamazwe. Kuyenzeka sithunywe ukuba siyolekele­la ezweni okuliwayo kulo siyohlenga abantu. Usuke wazi ukuthi nawe kungenzeka usale enkundleni, “kusho yena.

UWarrant Officer Mbongeni Mahasela okwi-Army Support Base KwaZulu-Natal, eMerebank uthe ungene embuthweni ngo1987.

“Ngingene kulo mbutho usabizwa ngeSouth African Defence Foce (SADF). Ngike ngajutshwa ukuthi ngiye eNamibia isabizwa ngeSouth West Africa. Ngabuye ngaya e-Angola namanye amazwe amaningi ase-Afrika. Wumsebenzi odinga ukuzinikel­a nokuzimise­la,” kusho yena.

UChief of Defence Intelligen­ce, uLt General Mduduzi Nyembe obenikeza amasosha izindondo uthe ukunikeza amasosha lezi zindondo kungukuwak­huthaza ukuthi asebenze ngokuzimis­ela futhi ahlale egcine izifungo zawo.

“Umthethosi­sekelo uyalela ukuthi umuntu osembuthwe­ni wezokuvike­la kumele kube ngumuntu okwazi ukuziphath­a, ozimiselay­o futhi okwazi ukubambisa­na nabanye,” kusho uNyembe.

 ?? Izithombe: LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY ( ANA ) ?? IChief of the Defence Intilligen­ce, uLt General Mduduzi Nyembe inikeza amasosha aseneminya­ka ewu-30 kuya kwewu-40 eyibambe embuthweni wezokuvike­la kuleli, ngoLwesihl­anu, eThekwini
Izithombe: LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY ( ANA ) IChief of the Defence Intilligen­ce, uLt General Mduduzi Nyembe inikeza amasosha aseneminya­ka ewu-30 kuya kwewu-40 eyibambe embuthweni wezokuvike­la kuleli, ngoLwesihl­anu, eThekwini
 ??  ?? UWARRANT Mbongeni Mahasela osophikwen­i lwezempi olungaphan­si kombutho wezokuvike­la kuleli naye othole indondo ngoLwesihl­anu, eThekwini
UWARRANT Mbongeni Mahasela osophikwen­i lwezempi olungaphan­si kombutho wezokuvike­la kuleli naye othole indondo ngoLwesihl­anu, eThekwini
 ??  ?? UCAPT Zile Mkhize osophikwen­i lwezempilo lombutho wezokuvike­la othole indondo yeminyaka engu-30 eyisosha
UCAPT Zile Mkhize osophikwen­i lwezempilo lombutho wezokuvike­la othole indondo yeminyaka engu-30 eyisosha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa