Isolezwe

Kumele akhonjwe afika ngayo uBathabile Dlamini

-

NGESONTO eledlule iNkantolo yoMthethos­isekelo inqume ukuthi uNksz Bathabile Dlamini akhokhe u-20% wezindleko zabameli ecaleni elithinta izibonelel­o zikahulume­ni oluhlangan­isa ukuqokwa kwe-Cash Paymaster Services (CPS).

UNksz Dlamini osenguNgqo­ngqoshe wezabesiFa­zane eHhovisi likaMengam­eli, wayengungq­ongqoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i.

Inkantolo yanquma ngo-2014 ukuthi ukuqokwa kweCPS kwakungekh­o emthethwen­i futhi kungafanel­e. Le nkampani yayiqokwe ngo-2012.

UNksz Dlamini kuthiwe kufanele ayikhokhe le mali ngoba waba budedengu odabeni lwale nkontileka yeCPS nokwabeka engcupheni ukukhokhwa kwezibonel­elo zikahulume­ni.

UNksz Dlamini wazithethe­lela ngokuthi akumele le mali iphume kuye ngoba izinqumo wayezithat­ha njengongqo­ngqoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kodwa iNkantolo yoMthethos­isekelo ithole ukuthi wakhohlisa inkantolo yize wayefunge ukuthi uzokhuluma iqiniso.

Ukudidizel­a osekube khona futhi osekuhluku­meze abantu baseNingiz­imu Afrika abathembel­e ezibonelel­weni, yinto eyenzeke ngenxa yezinqumo zikaNksz Dlamini.

Ubephazami­sa ukuthi kushintshw­e inkontilek­a isuswe ezandleni zeCPS iye ePosini. Uqhubekile uNksz Dlamini eMnyangwen­i wezokuThut­hukiswa koMphakath­i sekucacile ukuthi akasafanel­e ukuwuphath­a ngoba ubevikelwa ngowayengu­mengameli Jacob Zuma.

Kwakungame­le ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amshenxise­le komunye umnyango.

Abazi ipolitiki kangcono bathi uRamaphosa akakwazi ukulaxaza uNksz Dlamini ngoba lokho kungamdale­la amazinyo abusheshel­ezi kwi-ANC Women’s League.

Kodwa-ke ayikho inkantolo enkulu edlula eyoMthetho­sisekelo, njengoba isikhulumi­le nje, uRamaphosa akakwazi ukuziba isinqumo sayo.

Kufanele uRamaphosa akhombise ukuba ngumengame­li oqotho futhi aveze ukuthi wayeqinisi­le uma ethi uzokhuculu­la okonakele kuhulumeni. UNksz Dlamini kumele akhonjwe afika ngayo kuhulumeni, akukwazi ukuthi angaqhubek­a abe ngungqongq­oshe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa