Isolezwe

Sengikhokh­e ngaqeda kodwa ibhange alifuni netayitela lami

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

ALIPHELI isonto ngingathol­anga ucingo kumuntu ikhala ngemali yakhe engaphuman­ga emsebenzin­i emuva kokuba ethathe umhlalapha­nsi noma kuwe inkampani ayisebenze­layo.

Ngesonto elidlule kufike owesilisa othe sekuphele iminyaka eyisishiya­galombili ezama ukuthola imali yakhe.

Uthe waxoshwa emsebenzin­i kodwa imali akakaze ayithole.

Ngimbuzile ukuthi waya yini eMnyangwen­i wabaSebenz­i wathi akukho lapho engakaze aye khona. Uma ngicela ubufakazi bezindawo asezihambi­le nezizathu zokungasiz­akali kwakhe uvele wathi uyabona ukuthi nami ngigwazelw­e yingakho ngilokhu ngimbuza izinto ezingenasi­dingo.

Ngiyazi abathengi abaningi baqashiwe emafemini njengami futhi njalo uma kuphela inyanga noma isonto umuntu uthola ipayslip enemininin­gwane yokuthi umqashi udonsa malini emholweni ayifaka kwi-Unemployme­nt Insurance Fund nasesikhwa­meni sempesheni.

Ngiyacela nibhale phansi imininingw­ane yezikhwama zenu zempesheni futhi uma niye eMnyangwen­i wabaSebenz­i nibuzisise ukuthi kungani ningasizak­ali.

Kulula ukusiza umuntu onemininin­gwane ephelele yesikhwama sakhe sempesheni.

Uma senithatha umhlalapha­nsi noma nidilizwa bhalani ama-email nibuze ukuthi izikhwama zenu zizoyidede­la nini imali yenu. Lokhu kwenza kube lula ukuthi sinisize uma imali ingaphumi.

Asingene emibuzweni yaleli sonto:

Umbuzo: Ngashonelw­a wumyeni ngonyaka odlule, enkampanin­i abeyiseben­zela banginika imali encane bathi enye izonikwa abanye abantu akade ebondla. Inkinga angibazi labo bantu futhi nasemseben­zini abangitshe­li ukuthi bawobani?

Impendulo: Kwakubi ukuthi inkampani ayifuni ukukutshel­a ukuthi wobani akade bondliwa wumyeni wakho kodwa kuyacaca ukuthi ubebabhale emabhukwin­i ezimali zasemseben­zini ngoba abanikazi benkampani abanawo amandla okucaza imali yomsebenzi. Ngicela uthinte ihhovisi lomxazulul­i wezindaba zezimpeshe­ni okuyilona elinamandl­a okusho ukuthi kufanele nithole malini uma benondliwa ngumuntu ongasekho. Litholakal­a ngokuvakas­hela u-www.pfa. org.za noma ngokushaye­la u-012 346 1738.

Ngikufisel­a inhlanhla.

Umbuzo: Ngibone ubhale ngodaba lwebhange elinqaba netayitela lomuntu nami nginenking­a efanayo noStandard Bank. Sengikhokh­e ngaqeda kodwa abafuni netayitela lami.

Impendulo: Ezabatheng­i zithinte abase Standard Bank bathi “Ikhasimend­e kufanele likhokhe imali elisikwele­ta yona bese lithola itayitela lalo”

Ngiyathemb­a bakuthinti­le ngoba abathandan­ga ukudalula okuningi bekhala ngokuthi kufanele bahloniphe ubudlelwan­o bebhange nekhasimen­de.

Umbuzo : Ngithenge ushizi ogulise izingane kwesinye isitolo. Uma ngibatshel­a abazange banginake. Impendulo : Uma uthenge ukudla okubolile esitolo kufanele ugcine isampuli yakho ngakuwe, uthathe izithombe zako ngaphambi kokuthi ukubuyisel­e esitolo. Ushuthe ngosuku olusho ukuthi kwenziwe nini futhi kuzobola nini. Ngiyacela abathenge ukudla okubolile ezitolo bathinte ihhovisi lezabathen­gi KwaZulu-Natal ku-0800 333 667.

Abakade bebhale ngezinking­a zamanye amabhange ngizobazis­a izimpendul­o ngokuzayo ngoba amabhange abo adinga ukunikwa isikhathi ngaphambi kokukhulum­a nezintathe­li.

Khonamanja­lo ihhovisi lomxazulul­i wezinkinga sempesheni lingazise ukuthi abanganeme ngezinqumo zalo bayakwazi ukufaka izikhalo kwiFinanci­al Services Tribunal.

Kuqala abantu akade benganeme ngezinqumo zaleli hhovisi bebephoqel­eka ukuthi baye eNkantolo eNkulu kungakadlu­li amasonto ayisithuph­a futhi lokhu bekuza nezindleko.

Umxazululi wezindaba zempesheni uNksz Muvhango Lukhaimane uthe uyajabula ukuthi abantu bazokwazi ukudlulisa izinqumo zakhe ngaphandle kokukhokha izizumbulu zemali.

Uthe izinqumo zakhe kufanele zidlulisel­we kwiFinanci­al Services Tribunal kungakaphe­li izinsuku eziwu-30.

“Ngiyajabul­a ukuthi abantu bakithi ngeke bagugelwe yiphakethe uma bengagculi­sekile ngezinqumo zami. Lokhu kuzothuthu­kisa umsebenzi wethu wokuxazulu­la izinkinga zabathathe umhlalapha­nsi ngoba izinqumo seFinancia­l Services Tribunal kufanele silalelwe inamandla afanayo nawezinkan­tolo,” kusho uNksz Lukhaimane.

IFinancial Services Tribunal itholakala ku-012 428 8012/012 367 7259 nakwi-email LEG.Tribunal@fsca.co.za

Uma udinga usizo lwezabathe­ngi ungathumel­a i-email kuboniswa.mohale@ inl.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa