Kuyiphutha okubatshazwa ngomkhandlu eNquthu
MHLELI: Ngithi angizwakalise ilaka lami ngokungahambelani nombono oshicilelwe umfundi kwelakho langomhla ka 25 Septhemba ngumuntu ozibize ngoSiyabonga Skhakhane eNquthu obelusihloko sithi Sibonga Abaholi baseMkhandlwini waseNquthu ngabasenzele khona.
Ubalule ukuhanjiswa komfaniswano kubafundi abantulayo, ukuvulwa kwemigwaqo kwamanye ama-ward nokuhlatshwa kwesoyi lomgwaqo ozokwakhiwa elokishini.
Cha mfo kaMboma asikucacise lokhu, umkhandlu waseNquthu ngaphansi kobuholi beqembu iNkatha awenzi kahle. Bheka nje inkinga umphakathi waseNquthu obhekene nayo odabeni lwamanzi. Kunezindawo eziningi ezakhele idolobha laseNquthu abantu bakhona ababanga amanzi nezinkomo kuzona. Bheka nje umphakathi waKwaNdindindi awunamanzi kuyimanje. Uma lishayelwa ucingo ikhansela lakhona uMama Ndima uvele athi naye akazi lutho.
Akabizi kwamhlangano womphakathi azowuchazela ukuthi yini inkinga, balokhu becula iculo lokuthi udaba lwamanzi luphethwe wuMzinyathi bese uzibuza ukuthi kanti uMzinyathi ulawulwa yiliphi iqembu lezepolitiki nokuthi bona njengamakhansela omphakathi kanti abazona yini izisebenzi zomphakathi.
Kungani bangathathi inkinga umphakathi waseNquthu onayo ngodaba lwamanzi bayoyibika kuwona uMzinyathi njengezisebenzi zomphakathi?
Ukubiza nje umhlangano kuzokwaziswa abantu uma kusenenkinga kuwutho kulabaholi ngoba siyazi ngeke izinkinga zingabibikho kodwa phela nawo umphakathi awaziswe kungathulwa nje.