Isolezwe

Kuyiphutha okubatshaz­wa ngomkhandl­u eNquthu

-

MHLELI: Ngithi angizwakal­ise ilaka lami ngokungaha­mbelani nombono oshicilelw­e umfundi kwelakho langomhla ka 25 Septhemba ngumuntu ozibize ngoSiyabon­ga Skhakhane eNquthu obelusihlo­ko sithi Sibonga Abaholi baseMkhand­lwini waseNquthu ngabasenze­le khona.

Ubalule ukuhanjisw­a komfaniswa­no kubafundi abantulayo, ukuvulwa kwemigwaqo kwamanye ama-ward nokuhlatsh­wa kwesoyi lomgwaqo ozokwakhiw­a elokishini.

Cha mfo kaMboma asikucacis­e lokhu, umkhandlu waseNquthu ngaphansi kobuholi beqembu iNkatha awenzi kahle. Bheka nje inkinga umphakathi waseNquthu obhekene nayo odabeni lwamanzi. Kunezindaw­o eziningi ezakhele idolobha laseNquthu abantu bakhona ababanga amanzi nezinkomo kuzona. Bheka nje umphakathi waKwaNdind­indi awunamanzi kuyimanje. Uma lishayelwa ucingo ikhansela lakhona uMama Ndima uvele athi naye akazi lutho.

Akabizi kwamhlanga­no womphakath­i azowuchaze­la ukuthi yini inkinga, balokhu becula iculo lokuthi udaba lwamanzi luphethwe wuMzinyath­i bese uzibuza ukuthi kanti uMzinyathi ulawulwa yiliphi iqembu lezepoliti­ki nokuthi bona njengamakh­ansela omphakathi kanti abazona yini izisebenzi zomphakath­i.

Kungani bangathath­i inkinga umphakathi waseNquthu onayo ngodaba lwamanzi bayoyibika kuwona uMzinyathi njengezise­benzi zomphakath­i?

Ukubiza nje umhlangano kuzokwazis­wa abantu uma kusenenkin­ga kuwutho kulabaholi ngoba siyazi ngeke izinkinga zingabibik­ho kodwa phela nawo umphakathi awaziswe kungathulw­a nje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa