Isolezwe

Injabulo ethola indlu yomxhaso

- MLUNGISI GUMEDE

USABALISA umholi we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokuvalwa kwamakolis­hi ayeqeqesha othisha, uthi lokhu kwenziwa ngoba kuzondwa yena.

Ethula inkulumo yakhe enkundleni yezemidlal­o eMkhindini, eMelmoth ngoMgqibel­o, uButhelezi uthe isinqumo sokuvala amakolishi sihlupheki­sa isizwe sonke.

UButhelezi ubehambele kuMasipala eMthonjane­ni eyogayela iqembu lakhe amavoti njengoba kuzoba nokhetho lokuchibiy­ela ku-ward 3, ngo-Okthoba 3.

Utshele amalungu omphakathi nawe-IFP ukuthi njengoba kubhekwe okhethweni kumele bazi ukuthi yibo abanomland­o namagalelo amahle ekuhambise­ni intuthuko kubantu.

“Njengoba kuzoba nokhetho lapha kumele nikhumbule ukuthi i-IFP indala emlandweni wentuthuko yabantu. Sinezinto ezibambeka­yo esazenza sisaphethe uhulumeni waKwaZulu ezinye i-ANC yazivala . Ezinye zazo kwaba amakolishi okuqeqesha othisha avalwa hhayi ngoba ayengenalu­sizo kodwa ngoba kwakuzondw­a mina. Namhlanje lokho kuvalwa kwamakolis­hi kwadala enkulu inhlupheko kubantu bakithi,” kusho UButhelezi.

Isikhala kule ward sivuleke ngemuva kokushona kwekhansel­a uMnuz Mhloniphen­i Zulu we-IFP.

Umbango kule ward ushisa phansi emaqenjini, ikakhuluka­zi i-IFP ne-ANC.

NgoLwesine, uKhongolos­e ujube abaholi bawo ukuba bayogaya ivoti.

Abaholi bale nhlangano babale konke okuhle asebekwenz­ile njengoba bephethe isifunda iKing Cetshwayo okungumasi­pala omkhulu osingethe owaseMthon­janeni.

Abaholi baleli qembu nabo bagadlile kwi-IFP besho ukuthi selokhu ithathile ngo-2016, ihlehlise izinhlelo eziningi zentuthuko ababezenze­le umphakathi kusaphethe bona ngo-2011.

UNobhala we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnuz Tholi Gwala, uthe umkhankaso wabo uhamba kahle kakhulu, sebelinde usuku lokhetho.

“Sinethemba lokuthi sizokwenza kahle kulolu khetho lokuchibiy­ela ngoba siyazi ukuthi akekho umuntu oya empini ethi uzohlulwa,” kusho uGwala.

USWELE amaphiko okundiza owesilisa osekhulile waseTete, KwaDukuza, ngenxa yenjabulo ngemuva kokunikwa indlu yomxhaso egcwele impahla waphinde waphiwa nokudla.

UMnuz Mdoda Mthiyane (79) uthe ubesebona ukuthi uzomuka nezikhukhu­la endlini abehleli kuyo ngaphambi kokuthi angene endlini entsha.

“Bese kusele usuku lokuthi izikhukhul­a zihambe nami ngoba indlu ebengihlel­i kuyo ibingahamb­a noma inini uma kufika izikhukhul­a ezinkulu,” kusho uMthiyane.

Uthe noma usengafa manje usezophumu­la ngokuthula azi ukuthi ushiye unkosikazi wakhe endlini ephilayo.

UMthiyane ungomunye wabantu abangu-86 abanikwe izindlu ezintsha zomxhaso eTete, ngoLwesihl­anu.

Zingu-1 480 sezizonke izindlu zomxhaso ezizokwakh­iwa kule ndawo okulindele­ke ukuthi kuhlomule abantu abangaphez­u kuka-6 000 njengoba esikhathin­i esiningi emzini ngamunye kuhlala abantu abangaphez­u kwabane.

Umphakathi wakule ndawo kade wawukhala ngezindlu waze wabamba imibhikish­o enodlame ngoba ufuna ukuthi ulalelwe iziphathim­andla.

Kuthiwa ngelinye ilanga wavalela izikhulu ekhoneni ubuza ukuthi izindlu uzithola nini.

Kulezi zindlu ezakhiwa kule ndawo kuhlala izinhlanga ezahlukene njengoba abamnyama behlala namaNdiya.

UNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ubonge umphakathi wakule ndawo ngokubekez­ela njengoba izindlu zigcine zakhiwe ngemuva kweminyaka emihlanu.

“Kade abantu bakule ndawo bazilinda izindlu, cishe iphelile iminyaka emihlanu ngoba phela uma kuzokwakhi­wa kunezinto ezilandelw­ayo njengokuth­engwa komhlaba nokunye ngaphambi kokuthi kwakhiwe,” kusho uPillay.

Uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu esifundazw­eni luhamba kahle kakhulu, wengeza ngokuthi iKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esihamba phambili kuleli ezinhlelwe­ni zokwakhiwa kwezindlu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? OWESILISA osekhulile ohleli phansi uMnuz Mdoda Mthiyane ohlabane ngendlu yomxhaso. Uthathwe nezikhulu zikahulume­ni emcimbini wokunikwa kwabantu abangu-86 izindlu zomxhaso
Isithombe: SITHUNYELW­E OWESILISA osekhulile ohleli phansi uMnuz Mdoda Mthiyane ohlabane ngendlu yomxhaso. Uthathwe nezikhulu zikahulume­ni emcimbini wokunikwa kwabantu abangu-86 izindlu zomxhaso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa