UZikalala ukhuthaze abasiki bengqephu kwi-AFX
“UZOYITHOLA kanjani uhleli ekhoneni.”
Lawa ngamagama uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ayale ngawo abasiki bengqephu bakuleli emcimbini i-Africa Fashion Exchange (AFX) obuseGreyville kusukela ngoLwesine waphothulwa ngoMgqibelo.
UZikalala, obekhuluma ngoLwesine ebusuku, uthe kumele kuphele ukusonga izandla kubasiki bengqephu ekubeni benethalente.
“Kumele kube yithina esisukumela phezulu uma kuvela amathuba anjengalawa okukhangisa. Kumele kube abasiki bengqephu bakuleli abathungela abantu bakuleli, baphume bathungele nabanye baseAfrika nakwamanye amazwe. Uma singasukumi, sihlale silinde ukuba siqashwe njengabathungi nabasiki bengqephu, kuyobe siyazilibazisa. Kumele usukume ukhombise ithalente lakho njengoba benza nje abasiki bengqephu abakhombisa izimpahla zabo,” kusho uZikalala.
Kubasiki bengqephu abebekhombisa ngezimpahla zabo bekukhona noMnuz Ndumiso Madonsela weBeez Couture waKwaHlabisa kodwa osehlala eThekwini ngenxa yomsebenzi.
UMadonsela uthe ubengeyena umuntu ojwayele ukuthunga imisiko yase-Afrika esebenzisa nendwangu yase-Afrika kodwa ukuba kwi-AFX kukushintshile lokho.
“Kungijabulise kakhulu ukuthunga imisiko yaseAfrika. Bengingeyena umuntu ojwayele ukuthunga izimpahla okusetshenziswa kuzo izindwangu zase-Afrika negqugquzelwe usikompilo lwalapha e-Afrika. Kweminye imisiko yami ngisebenzise indwangu enesithombe sebhubesi nokwenze umsiko wami waba nomehluko,” kusho uMadonsela.
Uthe ithuba elifana naleli liyabathuthukisa njengabasiki bengqephu ngoba bayakwazi ukubona ukuthi yiziphi izimpahla ezihamba phambili kwamanye amazwe aseAfrika.
Bekukhona nabathungi abasafufusa, abafundi, nabanolwazi ngefeshini becobelelana ngolwazi nabathungi ngokuthi yini abangayenza ukuze izimpahla zabo zifike ezingeni lomhlaba.