‘Sifuna ukubuyisa ukuzethemba ngeChiefs’
UKAPUTENI weHighlands Park, uMothobi Mvala, ukholwa wukuthi bazobhekana neKaizer Chiefs sebewalungisile wonke amaphutha abacekele phansi kusukela bebuyile kwi-Absa Premiership.
IHighlands, ewine iligi yeNational First Division (NFD), izihambela yodwa phambili, ithwele kanzima kwiPremiership. Selokhu kuqale isizini ka-2018/2019, isawine umdlalo owodwa nehlule kuwo iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 wamagoli kaMvala eMakhulong Stadium. IHighlands iphumelele ukuphuma namaphuzu kwi-Orlando Pirates abadlale nayo ngokulingana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns abayibambe ngo 0-0.
Kusasa izokwamukela iChiefs emdlalweni wePremiership eMakhulong, eTembisa, ngo-7.30 ebusuku.
“Angijabule ngendlela esiqale ngayo, siqale ngonyawo lonwabu. Ngithukile ngoba lokhu kungagcina kusifaka engozini yokugawulwa yizembe ekupheleni kwesizini.Senze amaphutha amaningi emidlalweni edlule njengakulo ebesibhekene kuwo neBlack Leopards esiwudedele sesiwinile sagcina sidlale ngokulingana ngo 2-2.Saphinda sahlulwa yiFree State Stars kungafanele,” kusho uMvala.
“Kodwa izinto seziqala ukuba ngcono. Sihlale phansi sacubungula yonke imidlalo esiphuma kuyo. Amaqembu siwavumela ashaye amagoli umdlalo usuyophela. Uma sesibhekene neChiefs sizoba sesiyiqembu elehlukile. Sizame ngakho konke ukuthi silungise konke okusenzele phansi.”
IHighlands izothemba ukuthi iqhubeke nomfutho edlale ngawo ngesikhathi icosha amaphuzu kowe-Arrows. Nokho kuzoba wumqansa kwazise iChiefs isikhombisa ukuhlangana nokuba sefomini. Amakhosi asewine imidlalo emithathu yeligi ilandelana emuva kokuqala isizini ngendlela engabajabulisanga abalandeli. “Kuzoba wumdlalo onzima kwazise iChiefs isiwine imidlalo emithathu ilandelana, ukuzethemba kuphezulu. Ngaphandle kwalokho inababadlali abasezingeni eliphezulu. Sifuna ukubuyisa ukuzethemba kwethu ngayo iChiefs. Kufanele silwele ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uMvala. “Kubalulekile kithina ukuthi iMakhulong siyenze isigodi sikamaminzela. Akufanele amaqembu afike enkundleni yethu azenzele. Kufanele senze ukuthi abuzwe ubunzima bokuza eMakhulong. Sesiqalile nge-Arrows. Kufanele sikwenze lokho nakwiChiefs.”