Isolezwe

IBay ithumele umyalezo onzima ishaya i-Ajax

- NDUDUZO DLADLA Ebika eseMhlathu­ze Sports Complex Richards Bay FC (1) 1 Ajax Cape Town (0) 0

IRICHARDS Bay FC ithumele umyalezo oshubile emaqenjini asazovakas­hela eMhlathuze Sports Complex ngesikhath­i ishaya i-Ajax Cape Town izolo ntambama emdlalweni weNational First Division (NFD).

IBay ikhombise zisuka ukuthi kusesibaye­ni sayo ngokuthi emizuzwini emihlanu umdlalo uqalile kube iyona ebuza imibuzo odongeni lwasemuva lweUrban Warriors.

UPaseka Sekese, oyibamba esiswini seBay, noMenzi Hlophe abebewuhlu­pho kwi-Urban Warriors yibona abakhahlel­ele unozinti we-Ajax, uBrandon Petersen, kodwa akuhambang­a njengezifi­so zabo bobabili beshaya phezu kwepali ngomzuzu wesibili nowesine.

Akukho okungako okwenzizwe ngabafana baseKapa esiwombeni sokuqala ngaphandle kokuthi bebephasel­ana kahle uma besuka emuva kodwa kuthi uma beke beqa maphakathi nenkundla uKhulekani Madondo, obedlala esiswini kwiBay, akuqede konke abebekuzam­a.

UMadondo ubemaka into engasukumi phansi futhi engasuki esiswini nobekwenza ukuthi abagadli be-Ajax babulawe yindlala phambili.

Ukusebenza kanzima kweBay kugcine kuyizuzisi­le njengoba kuthe ngomzuzu ka-32 isitobha sayo, uSandile Mthethwa, elibhajisw­e ezintanjen­i ngemuva kwe-free kick eshaywe uSekese.

Siphele isiwombe sokuqala ezikaMuhsi­n Ertugral zidonsa kanzima zilandela ngemuva ngo 1-0. Nabalandel­i beBay bebekhombi­sa ngokusobal­a ukuthi kudandelwa esabo isiginci eMhlathuze Sports Complex, ngezinkulu­mo ezisakubhu­qa ezivakashi­ni.

Omunye wabalandel­i uthe: “Kufanele kucace ukuthi sidlalela ekhaya phela. Kufanele bafike emakubo baxoxe ukuthi baficeni eBay”.

Ngesiwombe sesibili iBay iqhubeke lapho igcine khona. Ngemizuzu eyisikhomb­isa isiwombe sesibili siqalile uMadondo ushaye inguzunga yeshodi ephume phezu kwepali.

Izamile ukuhlangan­isa i-Ajax mbijana kwathi ngomzuzu ka-17 esiwombeni sesibili umgadli we-Ajax, uGuy Stephane Bedi, washaya uqethu kwi-18 yeBay kodwa kwashoda amandla walibamba kalula uNgcobo.

Ibuye ngamandla iBay kwaba sengathi ithelwe ngezibonko­lo. Umdlalo omuhle kaMichael Gumede, odlala phambili, ogobe ibhola elihle elihlangan­e noTshepo Mashigo obekufanel­e alibhajisw­e ezintanjen­i, wavele wageja, laphuma eceleni.

Izamile ukucindeze­la i-Ajax kodwa uMthethwa ubephika ibhadi emuva, njengoba ebenqoba lonke ibhola elisemoyen­i. Kuhlule noma sekufakwa uSedwyn George ongumgadli we-Ajax, ongene endaweni kaBedi kodwa ufike enkundleni wangabonak­ala nhlobo. Imiphumela ye-NFD Cape Umoya United 1-0 Mbombela United; Royal Eagles 1-0 Uthongathi; Pretoria University 0-0 Maccabi FC; TS Sporting 1-0 Ubuntu Cape Town; Tshakhuma 0-0 Jomo Cosmos; Stellenbos­ch 2-0 Real Kings; TS Galaxy 2-0 Witbank Spurs; Richards Bay 1-0 Ajax Cape Town.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa