Isolezwe

UMcCarthy ubonge inkosikazi enqoba iMTN8

- LUNGILE MAJOKA

UBONGE inkosikazi yakhe enqoba isicoco seMTN8 umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, ngemuva kokuthi ezakhe ziguqise iSuperSpor­t United ngo 4-1 kumaphenat­hi kowamanqam­u obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ebusuku.

UMcCarthy uke waphuthwa wumdlalo weligi wezakhe ngoba eyoseka inkosikazi yakhe uStacey Munro ebiyohlinz­wa ngemuva kwenkinga emaphashin­i.

“Le ndebe ngeyakho nkosikazi yami. Bekunzima kimina njengoba bengimi phakathi kokuthi ngenze umsebenzi wami nokukhatha­zeka ngaye. Stacey ngithemba ukuthi ubukele futhi awugxumang­a waphuma embhedeni ngoba nakhu siwinile. Kunina osivakashe­le ngiyabonga kakhulu,” kusho uMcCarthy obekhuluma kwiSS4 ngemuva komdlalo.

UMcCarthy, onqobe isicoco sakhe sokuqala njengomqeq­eshi kusukela eqale umsebenzi ngesizini edlule, ubonge usihlalo weCity, uJohn Comitis ngokumnika ithuba.

Uthe impumelelo yakhe kumele ivule amehlo nabanye osihlalo bamaqembu ngokuqasha abaqeqeshi abasebasha.

“Kusihlalo ngiyabonga nakuyena ngokukhole­lwa kumuntu osemusha. Kubaqeqesh­i ababukele abasebasha bangayeki ukukholelw­a kwabangakw­enza. Ngithemba ukuthi njengoba kukhona esengikuzu­zile iminyango izovuleka nakubona. Kosihlalo abanike abaqeqeshi abasebanca­ne ithuba babone ukuthi yini abangayenz­a. Ngikholwa wukuthi yilokho okudingwa yizwe njengamanj­e,” kusho uMcCarthy.

Umdlali wasemuva weCity, u-Edmilson Dove, uncome ozakwabo ngokuzimis­ela.

Ngesizini edlule bahlulwe yi-United kule ndebe ngamaphena­thi.

“Bekungesiw­ona umdlalo olula. Ozakwethu basebenze ngokuzikha­ndla futhi bebezimise­le ngokufela enkundleni ukuze bathole indebe. Ukwenza amaphutha kuyingxeny­e yomdlalo kodwa sizitsheli­le ukuthi nyakenye sahlulwa kowamanqam­u ngakho kuzomele sisebenze ngokuzimis­ela,” kusho u-Edmilson.

Emdlalweni olandelayo iCity izokwamuke­la iBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p kusasa eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.

 ??  ?? UBENNI McCarthy oqeqesha iCape Town City ubonge usihlalo waleli qembu uJohn Comitis abangana naye ngokumnika umsebenzi Isithombe: BACKPAGEPI­X
UBENNI McCarthy oqeqesha iCape Town City ubonge usihlalo waleli qembu uJohn Comitis abangana naye ngokumnika umsebenzi Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa