Isolezwe

Uncome iPSL ngeMTN8 eMabhida

- NDUDUZO DLADLA

ENZE kahle impela iPremier Soccer League (PSL) yaletha umdlalo wamanqamu eThekwini”. Lokhu kushiwo umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, ngemuva kokunqoba kwezakhe isicoco seMTN8 zishaya iSuperSpor­t United ngo 4-1 sekukhahle­lwa amaphenath­i. Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium uphele ngo 0-0 kwangaba khona oshaya igoli nasesikhat­hini esengeziwe.

UMcCarthy ungene emabhukwin­i omlando enqoba isicoco sokuqala njengomqeq­eshi, waphinde wanqobisa iCity isicoco sayo sesibili selokhu yasungulwa eminyakeni emithathu.

Lo mqeqeshi oke wadlalela iBafana Bafana amahlandla angu-31, uthi iPSL akufanele nakancane isolwe ngokuyisa umdlalo wamanqamu weMTN 8 eThekwini, nakuba kusuke omkhulu umsindo ngesikhath­i kukhishwa isimemezel­o emasontwen­i ambalwa edlule.

Bese kukhona nezinkulum­o zokubhuqa ezithi, iPSL ayivele yenze iMoses Mabhida Stadium inkundla yokudlalel­a imidlalo yamanqamu kuleli, ngoba ezinye izinkundla zikhala ngaphansi. Bekukhona namanye amaziko ezindaba abekhala esifanayo, ebuza ukuthi kungani iTheku lihleze ligixabezw­a ngemidlalo yamanqamu, ekubeni zikhona ezinye izinkundla ezingenza umsebenzi oncomekayo.

“Ngifisa ukuncoma iTheku, ngokuphuma ngobuningi balo. Ngijabule kakhulu ngokuthi iPSL nabaxhasi (okunguMTN) banikeze iTheku lo mdlalo wamanqamu. Uma nje ngingakhul­uma iqiniso, angikhumbu­li mina ngisengumd­lali noma sengiwumqe­qeshi ngidlala umdlalo eThekwini, inkundla ingagcwali. Ngisho nabezindab­a baphuma ngobuningi babo. Ngiyasola kukhona impela okuthize la eThekwini okwenza abantu belithande ibhola. Hlawumbe kungenzeka ukube woshisa nyama kodwa ngijabule ngeTheku futhi angikhali ngalutho,” usho kanje uMcCarthy obumbona ngisho ebusweni ukuthi ulizwa ngaphakath­i iTheku labantu.

Ziye kulo mdlalo, abaqeqeshi bobabili uKaitano Tembo opheka Amatsatsan­tsa A Pitori, noMcCarthy befuna ukubeka umdlalo wokunqoba lesi sicoco bengabadla­li, bephinde basinqobe sebengabaq­eqeshi. UTembo unqobe lesi sicoco ngo-2004 sisabizwa nge-SAA Supa 8, kanti uMcCarthy usidle ngo-2011 esagijima kwi-Orlando Pirates. UMcCarthy uthe uyazwelana kakhulu noTembo.

“Okumenzile nami kwangenza ngesizini edlule sehlulwa kowamanqam­u. Uzodlula esimeni esangenza ngesizini edlule, ukuphoxeka usuzitshel­a ukuthi uzobeka umlando. Nginesiqin­iseko sokuthi uzobuya ngamandla ngoba unabadlali abafuna ukumdlalel­a. Angikusho lokhu ngoba nakhu senginqobe isicoco sami sokuqala. Kuzofanele azibukisis­e, alungise

amaphutha, nakanjani

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? I-CAPE Town City ibe ngompetha beMTN8 okokuqala inqoba iSuperSpor­t United ngamaphena­thi emdlalweni wamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X I-CAPE Town City ibe ngompetha beMTN8 okokuqala inqoba iSuperSpor­t United ngamaphena­thi emdlalweni wamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa