Isolezwe

‘Sifuna ukubuyisa ukuzethemb­a ngeChiefs’

- ZAKHELE XABA

UKAPUTENI weHighland­s Park, uMothobi Mvala, ukholwa wukuthi bazobhekan­a neKaizer Chiefs sebewalung­isile wonke amaphutha abacekele phansi kusukela bebuyile kwi-Absa Premiershi­p.

IHighlands, ewine iligi yeNational First Division (NFD), izihambela yodwa phambili, ithwele kanzima kwiPremier­ship. Selokhu kuqale isizini ka-2018/2019, isawine umdlalo owodwa nehlule kuwo iLamontvil­le Golden Arrows ngo 2-1 wamagoli kaMvala eMakhulong Stadium. IHighlands iphumelele ukuphuma namaphuzu kwi-Orlando Pirates abadlale nayo ngokulinga­na ngo 1-1 neMamelodi Sundowns abayibambe ngo 0-0.

Kusasa izokwamuke­la iChiefs emdlalweni wePremiers­hip eMakhulong, eTembisa, ngo-7.30 ebusuku.

“Angijabule ngendlela esiqale ngayo, siqale ngonyawo lonwabu. Ngithukile ngoba lokhu kungagcina kusifaka engozini yokugawulw­a yizembe ekupheleni kwesizini. Senze amaphutha amaningi emidlalwen­i edlule njengakulo ebesibheke­ne kuwo neBlack Leopards esiwudedel­e sesiwinile sagcina sidlale ngokulinga­na ngo 2-2. Saphinda sahlulwa yiFree State Stars kungafanel­e,” kusho uMvala.

“Kodwa izinto seziqala ukuba ngcono. Sihlale phansi sacubungul­a yonke imidlalo esiphuma kuyo. Amaqembu siwavumela ashaye amagoli umdlalo usuyophela. Uma sesibheken­e neChiefs sizoba sesiyiqemb­u elehlukile. Sizame ngakho konke ukuthi silungise konke okusenzele phansi.”

IHighlands izothemba ukuthi iqhubeke nomfutho edlale ngawo ngesikhath­i icosha amaphuzu kowe-Arrows. Nokho kuzoba wumqansa kwazise iChiefs isikhombis­a ukuhlangan­a nokuba sefomini. Amakhosi asewine imidlalo emithathu yeligi ilandelana emuva kokuqala isizini ngendlela engabajabu­lisanga abalandeli. “Kuzoba wumdlalo onzima kwazise iChiefs isiwine imidlalo emithathu ilandelana, ukuzethemb­a kuphezulu. Ngaphandle kwalokho inababadla­li abasezinge­ni eliphezulu. Sifuna ukubuyisa ukuzethemb­a kwethu ngayo iChiefs. Kufanele silwele ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uMvala. “Kubaluleki­le kithina ukuthi iMakhulong siyenze isigodi sikamaminz­ela. Akufanele amaqembu afike enkundleni yethu azenzele. Kufanele senze ukuthi abuzwe ubunzima bokuza eMakhulong. Sesiqalile nge-Arrows. Kufanele sikwenze lokho nakwiChief­s.”

 ??  ?? UMOTHOBI Mvala weHighland­s Park useyilinde­le iKaizer Chiefs ezobavakas­hela eMakhulong Stadium kusasa emdlalweni we-Absa Premiershi­p Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMOTHOBI Mvala weHighland­s Park useyilinde­le iKaizer Chiefs ezobavakas­hela eMakhulong Stadium kusasa emdlalweni we-Absa Premiershi­p Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? UBEAST Mtawarira wamaBhokob­hoko ngesikhath­i ebhekene ne-Australia emdlalweni weRugby Championsh­ip ePort Elizabeth ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UBEAST Mtawarira wamaBhokob­hoko ngesikhath­i ebhekene ne-Australia emdlalweni weRugby Championsh­ip ePort Elizabeth ngempelaso­nto Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa