Isolezwe

Kujabule owamaBoks benqoba kwi-Australia

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UPHUPHA ngokuyiphi­nda ngenduku iNew Zealand umqeqeshi wamaBhokob­hoko, uRassie Erasmus ojabulise abalandeli bombhoxo eBhayi ngokunqoba kwiAustral­ia ngo 23-12 emdlalweni weCastle Lager Rugby Championsh­ip obungoMgqi­belo eNelson Mandela Bay Stadium.

Nakuba lo mphumela ukhombise izimpawu zokukhula kumaBhokob­hoko, ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili, kodwa u-Erasmus uzicabange­la indaba yama-All Blacks aseqedile ngesicoco salo mqhudelwan­o odlalelway­o. INew Zealand iqede ngalesi sicoco ngayo impelasont­o lapho inqobe khona kwi-Argentina ngo 35-17 eBuenos Aires.

Lo mqeqeshi uzwakalise ukujabula ngokwenzek­e eBhayi kodwa kwacaca ukuthi umqondo wakhe usemdlalwe­ni wokugcina walo mqhudelwan­o lapho kuzovakash­a khona ompetha bomhlaba ngoMgqibel­o ePitoli.

“Uma singahlase­la ngendlela esenze ngayo eWellingto­n nginesiqin­iseko sokuthi sizobaphin­da. Vele phela ngeke kube lula ngoba nabo banesithun­zi okumele basivikele ngakho-ke bazobe bezobuyisa izinduku. Kulo mdlalo we-Australia ngibone okuningi okungijabu­lisile. Indlela abebezinik­ele ngayo abadlali bami ibingaphez­ulu kwale obekuyiyon­a sinqoba eWellingto­n ngakho-ke ngineme ngazo zonke izindlela,” usho kanje u-Erasmus ngemuva komdlalo we-Australia.

Noma amaBhokobh­oko enqobile lapha kodwa u-Erasmus ubona isidingo sokuqhubek­a nokusebenz­a ngokuzikha­ndla ngoba kukhona lapho kusaxega khona amabhawodi.

“Amathuba esiwakhile asizange siwasebenz­ise ngendlela ebengingat­handa ngayo kodwa sinaso isikhathi sokulungis­a lokhu ngaphambi kokuthi samukele ompetha bomhlaba. Umdlalo ubumuhle kodwa kukhona lapho futhi ebengike ngicabange ukuthi kazi bayayithan­da yini abalandeli le nto abayibukay­o. Angisiboni nokho isidingo sokugxeka kubadlali bami ngoba besibheken­e ne-Australia okuyiqembu elinzima futhi elibophele abadlali abaseqophe­lweni lomhlaba,” usho kanje lo mqeqeshi obengafihl­i ukuthi i-Australia bekufanele inenebulwe ngembudlu.

Sisekuwo umbhoxo, iWestern Province iyona kuphela engakashay­wa kwiCurrie Cup kulandela ukunqoba kwayo kwiCell C Sharks ngo 50-28 emdlalweni obuseNewla­nds.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa