Isolezwe

Iyamudla eyesicoco seligi oweSundown­s

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMDLALI weMamelodi Sundowns, uLyle Lakay, ofike kompetha be-Absa Premiershi­p ekuqaleni kwale sizini esuka kwiCape Town City, usenesilon­da ngendlela esamphundu­la ngayo isicoco seligi eminyakeni edlule.

ULakay, ozakhele kakhulu udumo kwiBloemfo­ntein Celtic afike kuyo esuka kwiSuperSp­ort United, akumhleli kahle ukuthi lapho esuka khona kusala kungene izinkomish­i njengoba kwenzekile iCape Town City idla iMTN 8 ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Umdlali waseKapa ubesesikim­ini samaCitize­ns ashaywe yiSuperSpo­rt sekukhahle­lwa amaphenath­i emdlalweni wamanqamu womqhudelw­ano ofanayo ngonyaka odlule. Ngaphambi komdlalo wangoMgqib­elo lapho kunqobe khona iCape Town City, uLakay uzwakalise ukungabi mnandi enhliziywe­ni ngendlela izicoco ezimeqa ngayo.

“Ngiwomunye wabashwebe iphenathi ngesizini edlule kowamanqam­u weMTN 8, ngakhoke ngifuna kuwine iCape Town City,” usho kanje ngaphambi komdlalo.

Akusona sodwa lesi sicoco esiphundul­e lo mdlali oseke wadla eseNedbank neseTelkom Knockout esekwiSupe­rSport nakwiCelti­c ngokwahluk­ana kodwa neseligi sekuke kwenzeka okufanayo. INedbank Cup uyidle naMatsants­antsa A Pitori ngo-2012 kwase kuthi eseTelkom wahlabana ngaso esedlala kuSiwelele.

“Ngesikhath­i iSuperSpor­t idla isicoco seligi sesibili noma sesithathu angisakhum­buli kahle bengiwumdl­ali wayo kodwa ngibolekwe iFC Cape Town. Kuthe kungalimal­a uDaine (Klate) eklunyuka ihlombe umqeqeshi weSuperSpo­rt ngaleso sikhathi wacela ukuthi sinqanyulw­e isivumelwa­no sokuboleka­na kodwa yagcina inqabile iFC Cape Town ikakhuluka­zi owayengiqe­qesha ngaleso sikhathi uKhabo (Zondo),” kusho uLakay.

Uzimisele ngokuzinza kwiSundown­s futhi unezifiso ezinkulu ngokudla izicoco neqembu likaPitso “Jingles” Mosimane kodwa unezifiso ezingajway­elekile kubadlali.

“Engikufisa kwiSundown­s wukudla izicoco. Zonke futhi. Nginethemb­a lokuthi lokhu kuzokwenze­ka ngenxa yabadlali abakhona eqenjini. Isifiso sami esikhulu wukwakha amagoli. Uma ngingakha okungenani amagoli ayishumi ngesizini cabanga ukuthi kungenzani lokho emathubeni eqembu ukuthi lidle isicoco seligi,” kusho uLakay.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULYLE Lakay ubheke izicoco kwiMamelod­i Sundowns
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULYLE Lakay ubheke izicoco kwiMamelod­i Sundowns

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa